IzAga 27:9-17
IzAga 27:9-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko. Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo; ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele. Ungcono umakhelwane oseduze kunesihlobo esihlala kude. Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuze ngiphendule ongisolayo. Ohlakaniphile uyabubona ububi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka, bese beyajeziswa. Thatha ingubo yalowo oyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe. Obusisa umakhelwane ngokubanga umsindo evuka ekuseni, kuyobalelwa kuye, kube yisiqalekiso. Owesifazane obeleselayo ufana nemvula engumvimbi. Ukumvimba kufana nokuvimba umoya, nokubamba amafutha. Insimbi ilola enye insimbi, nomuntu usizwa ngabanye.
IzAga 27:9-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amafutha nempepho kujabulisa inhliziyo, kanjalo ubumnandi bomngane womuntu kanye neseluleko esiqotho. Ungamlahli umngane wakho nomngane kayihlo; ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele yakho, ngokuba umakhelwane oseduze ungcono kunomfowenu okude. Ndodana yami, hlakanipha, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngiphendule ongithukayo. Umuntu ohlakaniphileyo ubona okubi, akufihle; kodwa abangenalwazi baya phambili futhi bayajeziswa. Thatha ingubo yakhe oyisibambiso somfokazi, uthathe kuye isibambiso ngowesifazane wezizwe. Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu, avuke ekuseni kakhulu, kuyakuthiwa isiqalekiso kuye. Iconsi eliqhubekayo ngosuku lwemvula enkulu nowesifazane oxabanayo kuyafana. Lowo omfihlayo ufihla umoya lamafutha esandla sakhe sokunene azikhaphelayo. Insimbi ilola insimbi; kanjalo umuntu ulola ubuso bomngane wakhe.
IzAga 27:9-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo. Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo, ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude. Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo. Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho. Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe. Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu, evuka ekuseni, kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso. Ukuconsa okunganqamukiyo ngosuku lwemvula nowesifazane oxabanayo kuyafana. Omvimbela yena uvimbela umoya; isandla sakhe sokunene sihlangana namafutha nje. Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.