IzAga 25:11-15
IzAga 25:11-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo lifana namahhabhula egolide asezitsheni zesiliva. Njengecici legolide nemvunulo yegolide elicolisekileyo, unjalo osola ohlakaniphileyo onendlebe elalelayo. Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba sivuselela ukuphila kumniniso. Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula, unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga. Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa, nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.
IzAga 25:11-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula* asezitsheni zesiliva. Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo, unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo. Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso. Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa, unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo. Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa, nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.
IzAga 25:11-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi elikhulunywe kahle linjengama-apula egolide asezithombeni zesiliva. Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elicwengekileyo, kunjalo ukusola okuhlakaniphileyo endlebeni elalelayo. Njengamakhaza eqhwa ngesikhathi sokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kwabasithumayo, ngokuba sivuselela umphefumulo wamakhosi aso. Ozincoma ngesipho samanga unjengamafu nomoya okungenamvula. Ngokubekezela isikhathi eside, isikhulu siyakholiswa, nolimi oluthambileyo lwephula ithambo.