IzAga 2:2-6
IzAga 2:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
IzAga 2:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
wenze indlebe yakho ilalele ukuhlakanipha, nenhliziyo yakho ithambekele ekuqondeni; uma ukhala ngokuhlaziya, ulizwakalisa izwi lakho ngokuqonda; uma ukufuna njengesiliva ukufunisisa njengengcebo efihliweyo, khona uyakuqonda ukuthi kuyini ukumesaba uSimakade, uthole ulwazi ngoNkulunkulu. Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
IzAga 2:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uphendulele inhliziyo yakho ekuqondeni; Yebo, uma ubiza ukwazi, uphakamisela izwi lakho ukuqonda; Uma ubufuna njengesiliva, ubufuna njengengcebo efihliweyo; Khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, uthole ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa.