IzAga 2:1-11
IzAga 2:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala, egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle. Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine
IzAga 2:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ndodana yami, uma ulalela amazwi ami, ugcine imithetho yami, wenze indlebe yakho ilalele ukuhlakanipha, nenhliziyo yakho ithambekele ekuqondeni; uma ukhala ngokuhlaziya, ulizwakalisa izwi lakho ngokuqonda; uma ukufuna njengesiliva ukufunisisa njengengcebo efihliweyo, khona uyakuqonda ukuthi kuyini ukumesaba uSimakade, uthole ulwazi ngoNkulunkulu. Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabela abaqotho impumelelo, uyisihlangu salabo abahamba ngokwethembeka. Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe, khona uyoqonda ukulunga, nokwehlulela neqiniso, nezindlela zonke ezinhle. Ngokuba ukuhlakanipha kuyongena enhliziyweni yakho, ukwazi kuthokozise umphefumulo wakho. Amasu ayakukuvikela, ukuqonda kukugcine.
IzAga 2:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, ufihle imiyalo yami kuwe; ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uphendulele inhliziyo yakho ekuqondeni; Yebo, uma ubiza ukwazi, uphakamisela izwi lakho ukuqonda; Uma ubufuna njengesiliva, ubufuna njengengcebo efihliweyo; Khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, uthole ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa. Ugcinela olungileyo ukuhlakanipha okupheleleyo; Uyisihlangu kwabahamba ngobuqotho. Ugcina izindlela zokulunga, agcine indlela yabangcwele bakhe. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela nokulunga; yebo, yonke imigwaqo emihle. Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho, nolwazi luthokozisa umphefumulo wakho; Ukuzindla kuyakulondoloza, ukuqonda kuyakulonda.