IzAga 16:16-19
IzAga 16:16-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide! futhi ukuzuza ukuqonda kungcono kukhethwe kunesiliva! Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; ogcina indlela yakhe ugcina umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya ozidlayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuthobeka kanye labathobekileyo kulokuhlanganyela impango labaziqhenyayo.
IzAga 16:16-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo! Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo.
IzAga 16:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva. Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.