IzAga 12:20-23
IzAga 12:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kunokukhohlisa ezinhliziyweni zabaceba okubi, kepha ukuthula nenjabulo kukubaluleki beqiniso. Olungileyo akayukwehlelwa nangokukodwa okubi, kepha izikhohlakali zigcwele ukukhathazeka. Izindebe ezikhuluma amanga ziyisinengiso kuSimakade, kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe. Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi, kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.
IzAga 12:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Inkohliso isenhliziyweni yabaceba okubi, kepha kubaluleki bokuthula kukhona intokozo. Akukho okubi okuyokwehlela olungileyo, kepha ababi bayogcwala ububi. Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso uyintokozo yakhe. Umuntu ohlakaniphileyo uyafihla ulwazi, kodwa inhliziyo yeziwula imemezela ubuwula.
IzAga 12:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi, kepha abaluleka ukuthula, kubona kukhona intokozo. Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi, kepha ababi bayakugcwala ububi. Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova, kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe. Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.