IzAga 11:9-11
IzAga 11:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu kuyambulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi. Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo. Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wezikhohlakali ucekelwa phansi.
IzAga 11:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela. Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
IzAga 11:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umzenzisi ngomlomo wakhe uyabulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakusindiswa ngolwazi. Lapho kuhambela kahle kwabalungileyo, umuzi uyajabula; nalapho ababi bebhubha, kukhona ukuthokoza. Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kodwa ngomlomo wababi uyachithwa.