IzAga 1:8-19
IzAga 1:8-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala, sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini; yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango; yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,” ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo, ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi. Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni. Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.
IzAga 1:8-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ndodana yami, lalela ukuqondisa kukayihlo, ungayedeleli imfundiso kanyoko, iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi, uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala! Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila. Siyozitholela yonke ingcebo eyigugu, sigcwalise izindlu zethu ngempango, senze unkatho phakathi kwethu, sabelane sonke sikhwameni sinye!” Ndodana yami, ungazibandakanyi nabo, ungalubhadi unyawo lwakho ezindleleni zabo, ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi. Ngokuba balendlalele ize inetha labo, ukucupha ugibe izinyoni zonke zibuka. Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo. Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.
IzAga 1:8-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala, sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini; yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango; yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,” ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo, ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi. Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni. Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.
IzAga 1:8-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko. Ngokuba ziyakuba ngumhlobiso omuhle ekhanda lakho namaketanga entanyeni yakho. Ndodana yami, lapho izoni zilinga, awuvumi. Uma bethi: “Hamba nathi, silindele igazi, sifune abangenacala ngasese ngeze. Masibashwabadele bephila njengethuna; futhi bephelele njengabehlela egodini; Sizathola zonke izinto eziligugu, sizagcwalisa izindlu zethu ngempango. Yenza inkatho yakho phakathi kwethu; sonke masibe nesikhwama semali sinye. Ndodana yami, ungahambi nabo endleleni; nqamula unyawo lwakho endleleni yabo; Ngokuba izinyawo zabo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi. Impela inetha lendlalelwa ize phambi kwamehlo azo zonke izinyoni. Baqamekela igazi labo; bacathamela ukuphila kwabo ekusithekeni. Zinjalo izindlela zabo bonke abazuzayo; ethatha impilo yabanikazi bayo.