IzAga 1:1-7
IzAga 1:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lezi yizaga zikaSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Ngezokufunda ukuthi kuyini ukuhlakanipha, nokufundisa ukuqonda amazwi ajulile, ukuthola ingqondo ekhanyiselwe, ubulungiswa nobuqotho. Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha, ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo, ukuze aqonde izaga, nemizekeliso, namazwi ezihlakaniphi. Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.
IzAga 1:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi kaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; ukwazi ukuhlakanipha nokulaywa; ukuqonda amazwi okuqonda; Ukwamukela isifundiso sokuhlakanipha, ukulunga, nokwahlulela, nokulunga; Ukunika abangenalwazi ubuqili, abasha ulwazi nokweluleka. Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo. Ukuze baqonde isaga nencazelo; amazwi abahlakaniphileyo namazwi abo amnyama. Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
IzAga 1:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu, ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.