KwabaseFilipi 4:14-20
KwabaseFilipi 4:14-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela. Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini. Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu. Makube ludumo kuNkulunkulu uBaba wethu, kuze kube phakade naphakade. Amen.
KwabaseFilipi 4:14-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami. Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa. Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ekusweleni kwami. Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu. Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu. Makube kuNkulunkulu uBaba wethu inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
KwabaseFilipi 4:14-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa, ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina. Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu. KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
KwabaseFilipi 4:14-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)