KwabaseFilipi 4:1-13

KwabaseFilipi 4:1-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami. Ngiyamncenga u-Evodiya noSintike ukuba babe nhliziyonye eNkosini. Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila. Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto. Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso. Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

KwabaseFilipi 4:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa. Ngiyabayala o-Ewodiya noSintike ukuba babe nokuqonda okufanayo eNkosini. Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila. Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho. Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba. Akusikho ukuthi ngikusho lokhu ngokuba ngeswele, kodwa mina ngifundile ukweneliswa noma ezimeni ezinjani. Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

KwabaseFilipi 4:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa. Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini. Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila. Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.

KwabaseFilipi 4:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)