KwabaseFilipi 2:3-8
KwabaseFilipi 2:3-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani. Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye. Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu; owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga; Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu; efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
KwabaseFilipi 2:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani. Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu, owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu. Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu. Wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
KwabaseFilipi 2:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
KwabaseFilipi 2:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)