KwabaseFilipi 2:12-30

KwabaseFilipi 2:12-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle. Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni; nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize. Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke. Ngenxa yalokho thokozani futhi, nithokoze kanye nami. Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani. Ngokuba anginamuntu ofana naye, oyakunakekela ngokwemvelo indaba yenu. Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu. Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini. Ngakho-ke ngithemba ukumthuma masinyane, nxa sengibonile ukuthi kungihambela njani. Kodwa ngiyethemba eNkosini ukuthi lami ngokwami ngizakuza masinyane. Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami. Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula. Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. Ngakho-ke ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi, nxa senimbona futhi, nithokoze, nomunyu nami nginciphe. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo. Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

KwabaseFilipi 2:12-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe. Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni, nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala. Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke. Nani-ke ngokunjalo thokozani, nithokoze kanye nami. Kepha ngethembela eNkosini uJesu ukuthi ngizothumela kini uThimothewu ngokushesha, ukuze nami ngigqugquzeleke nxa sengizwe izindaba ezivela kini. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho. Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu. Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli. Ngakho-ke ngiyethemba ukuthi ngizomthumela kungakapholi maseko, uma nje sekwehlukene inhloko nesixhanti maqondana nalokhu engibhekene nakho. Kepha nginethemba eNkosini ukuthi ngizakuza masinyane. Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami. Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula. Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi. Ngakho-ke ngizimisele kakhulu ukuba ngimthumele kini, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, nakimi lunciphe usizi. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza okupheleleyo, abanjalo-ke nibahloniphe, ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.

KwabaseFilipi 2:12-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe. Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke; ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami. Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane. Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami, lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula. Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

KwabaseFilipi 2:12-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle. Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni; nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize. Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke. Ngenxa yalokho thokozani futhi, nithokoze kanye nami. Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani. Ngokuba anginamuntu ofana naye, oyakunakekela ngokwemvelo indaba yenu. Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu. Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini. Ngakho-ke ngithemba ukumthuma masinyane, nxa sengibonile ukuthi kungihambela njani. Kodwa ngiyethemba eNkosini ukuthi lami ngokwami ngizakuza masinyane. Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami. Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula. Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. Ngakho-ke ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi, nxa senimbona futhi, nithokoze, nomunyu nami nginciphe. Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo. Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

KwabaseFilipi 2:12-30

KwabaseFilipi 2:12-30 ZUL59KwabaseFilipi 2:12-30 ZUL59KwabaseFilipi 2:12-30 ZUL59KwabaseFilipi 2:12-30 ZUL59KwabaseFilipi 2:12-30 ZUL59KwabaseFilipi 2:12-30 ZUL59