UNumeri 9:1-14

UNumeri 9:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ngonyaka wesibili ngenyanga yokuqala bephumile eGibhithe, wathi: “Abantu bakwa-Israyeli mabagcine iPhasika ngesikhathi salo esimisiweyo. Ngosuku lwe-14 lwaleyo nyanga kusihlwa, niyakuligcina ngesikhathi esimisiweyo, njengokwazo zonke izimiso zalo nemithetho yonke yokugcinwa kwalo.” UMose wabatshela abantu bakwa-Israyeli ukuthi bayolenza iphasika. Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke. Kwakukhona abantu abathile ababengcoliswe yisidumbu somuntu, ababengakwazi ukugcina iphasika ngalolo lusuku; beza phambi kukaMose no-Aroni ngalolo lusuku. Labo bantu bathi kuye: “Singcoliswe yisidumbu somuntu; kungani sivinjelwa ukuletha umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli na?” UMose wathi kubo: “Yimani, ukuze ngizwe ukuthi uSimakade uyakuyala athini ngani.” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Noma yimuphi phakathi kwenu, noma owezizukulwane zenu ongcolileyo ngenxa yokuthinta isidumbu, ngisho noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza iphasika kuSimakade. Ngenyanga yesibili, ngosuku lwe-14, kusihlwa; bayakuligcina balidle nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. Abayukushiya lutho kuze kube sekuseni, abayukuphula thambo lalo. Bayakuligcina iphasika njengokwezimiso zalo zonke. Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza. “ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ”

Dlulisela
Funda UNumeri 9

UNumeri 9:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe, wathi: Abantwana bakwa-Israyeli mabagcine iphasika ngesikhathi salo esimisiweyo. Ngosuku lweshumi nane lwale nyanga, lapho sekuhlwile, anoligcina ngesikhathi esimisiwe; njengawo wonke amasiko alo nangokwemikhosi yawo yonke uyakulenza. UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baligcine iphasika. Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli. Kwakukhona amadoda athile ayengcoliswe isidumbu somuntu, kangangokuthi ayengenakwenza iphasika ngalolo suku; bahamba phambi kukaMose no-Aroni ngalolo suku. Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe ngesidumbu somuntu; sivinjelwani ukuba singanikeli umhlatshelo weNkosi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngesikhathi sayo esimisiweyo na? Wayesethi uMose kubo: “Yimani, ngizwe ukuthi uJehova uyakuyala ngani. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu phakathi kwenu loba owenzalo yenu engcoliswe isidumbu, loba esekuhambeni olude, kumele agcine iphasika eNkosini. Ngosuku lweshumi nane lwenyanga yesibili kusihlwa kumelwe bakugcine futhi bakudle kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. Abanakushiya lutho lwakho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lakho; ngokwezimiso zonke zephasika bayakuligcina. Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambweni, edelele ukugubha iphasika, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwabantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomhlatshelo weNkosi ngesikhathi esimisiweyo, lowo muntu uyakuwukhokha. Isono sakhe sigqoka. “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, egcina iphasika kube yinkazimulo kaJehova; njengokwesimiso sephasika nangokwesiko lalo uyakwenza kanjalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.

Dlulisela
Funda UNumeri 9

UNumeri 9:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi: “Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo. Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.” UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bolenza iphasika. Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli. Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowo muhla. Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe yisidumbu somuntu; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?” UMose wathi kuwo: “Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova; ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo; abayikushiya lutho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza. Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe. “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”

Dlulisela
Funda UNumeri 9