UNumeri 5:5-10
UNumeri 5:5-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala. Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile. Uma umuntu owoniweyo engenasihlobo okungakhokhwa kuso isinxephezelo, isinxephezelo esikhokhwa kuSimakade siyoba ngesomphristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayokwenzelwa ngayo ukubuyisana. Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abayoyinikela kumphristi, iyakuba ngeyakhe. Izinto zonke ezingcwele ziyakuba ngezakhe, nakho konke abayakukunikela kumphristi kuyokuba ngokwakhe.’ ”
UNumeri 5:5-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala, uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye. Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo. Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe. Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”
UNumeri 5:5-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza noma yisiphi isono umuntu ona ngaso, enze isono kuJehova, lowo muntu abe necala; Khona-ke kumelwe basivume isono sabo abasenzile; uyakubuyisela isiphambeko sakhe ngekhanda layo, enezele okwesihlanu kwakho, amnike lowo one ngako. Kepha uma lowo muntu engenasihlobo segazi sokuphindisela icala, maliphindiselwe icala kuJehova, yebo, kumpristi; ngenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ngayo ukubuyisana. Yonke iminikelo yezipho ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abayiletha kumpristi iyakuba ngeyakhe. Indlu engcwele yalowo nalowo iyakuba ngeyakhe; konke umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngeyakhe.