UNumeri 3:40-51
UNumeri 3:40-51 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wathi kuMose: “Bala onke amazibulo esilisa abantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ubale umumo wamagama abo. Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.” UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova. Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi, uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili; umnike u-Aroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.” UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi; kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele. UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
UNumeri 3:40-51 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Bala wonke amazibulo esilisa abantu bakwa-Israyeli, kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, uwabhalise ngamagama awo, ungithathele abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nawemfuyo; nginguSimakade.” UMose wawabala wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile. Wonke amazibulo awabalayo kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ayeyizi-22 273. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade. Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi, uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20; uyonika u-Aroni namadodana akhe leyo mali eyisihlengo salabo okweqe ngabo.” UMose wathatha imali eyisihlengo salabo okwakweqe ngabo kulabo ababehlengwe ngabaLevi, emazibulweni abantu bakwa-Israyeli wathatha imali engamashekeli ayi-1 365 ngokweshekeli lendawo engcwele. UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
UNumeri 3:40-51 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wathi kuMose: “Bala onke amazibulo abantwana babantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, uthabathe inani lamagama abo. Kumelwe ungithathele amaLevi, nginguJehova, esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli. UMose wabala onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile. Onke amazibulo esilisa ngenani lamagama, kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisithupha nantathu. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova. Abazahlengwa kumazibulo angamakhulu amabili namashumi ayisithupha nantathu abantwana bakwa-Israyeli, abangaphezu kwamaLevi; Kumelwe uthathe amashekeli amahlanu isigxobo ngasinye, ngokweshekeli lendlu engcwele kumelwe uyithathe; (ishekeli lingamagera angamashumi amabili:) Kumelwe uyinike u-Aroni namadodana akhe imali okufanele isibalo sabo esingavamile sihlengwe ngayo. UMose wathatha imali yesihlengo kulabo ababengaphezu kwabahlengwe ngamaLevi. Wayithatha imali kumazibulo abantwana bakwa-Israyeli; amashekeli ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele; UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.