UNumeri 14:6-7
UNumeri 14:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune, ababephakathi kwalabo ababeyohlola izwe, baklebhula izingubo zabo, bathi kulo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli: “Izwe esadabula kulo silihlola, liyizwe elihle kakhulu.
UNumeri 14:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo, bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu.
UNumeri 14:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe, baklebhula izingubo zabo. Basebekhuluma kulo lonke ixuku labantwana bakoIsrayeli besithi: Ilizwe esadabula kulo ukulihlola lilizwe elihle kakhulu.