UNumeri 14:40-45
UNumeri 14:40-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bavuka ekuseni ngovivi, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, siyakuya endaweni ayithembisile uSimakade, nakuba sonile.” UMose wathi: “Kuyini lokhu? Seneqa futhi izwi likaSimakade na? Aniyukuphumelela. Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu. Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.” Bakhuphukela esiqongweni sezwe lezintaba ngokuziqhayisa nakuba umphongolo wesivumelwano sikaSimakade noMose ungaphumanga enkanjini. Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.
UNumeri 14:40-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.” UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela. Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu. Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.” Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.* Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.
UNumeri 14:40-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuphukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bheka, silapha, senyukela endaweni uJehova ayithembisayo, ngokuba sonile.” Wayesethi uMose: “Neqelani izwi leNkosi na?” kodwa ngeke liphumelele. Ningakhuphuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu. Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani akhona phambi kwenu, niyakuwa ngenkemba; ngoba seniphambukile eNkosini, ngakho iNkosi kayikuba lani. Kodwa baba nesibindi sokukhuphukela esiqongweni sentaba; nokho umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose abasukanga ekamu. Khona-ke ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba ehla, futhi bawanqoba, abadungadulisa kwaze kwaba seHorma.