UNumeri 14:1-39

UNumeri 14:1-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Inhlangano yonke yaphakamisa izwi layo yakhala, abantu bakhala ngalobo busuku. Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane. USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.” Yilowo nalowo wathi kumfowabo: “Masiqoke umholi, sibuyele eGibhithe.” UMose no-Aroni bathi mbo ngobuso phansi, phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. UJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune, ababephakathi kwalabo ababeyohlola izwe, baklebhula izingubo zabo, bathi kulo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli: “Izwe esadabula kulo silihlola, liyizwe elihle kakhulu. Uma uSimakade esithanda, uyakusingenisa kuleli lizwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elichichima ubisi noju. Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.” Yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kubo bonke abantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana. USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na? Ngiyobashaya ngobhubhane, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.” UMose wathi kuSimakade: “AbaseGibhithe bayokuzwa, ngokuba nguwe owabakhipha kubo laba bantu ngamandla akho. Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku. Manje uma ubabulala bonke laba bantu, lezi zizwe ziyakuthi: ‘Sizwile umbiko othi: “Ngenxa yokuba uSimakade ubengenamandla okungenisa laba bantu ezweni afunga ngalo kubo, ngalokho-ke ubabhubhisile ehlane.” “Ngakho-ke ake ubonakalise amandla akho njengalokhu wakhuluma, wathi: ‘USimakade uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, nokho akayeki angamjezisi onecala, uhambela ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sesizukulwaneni sesithathu nesesine.’ Bathethelele laba bantu ububi babo ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibhithe kuze kube manje.” USimakade wathi: “Ngiyabathethelela njengesicelo sakho. Nokho ngifunga ngiyagomela, uma nje inkazimulo kaSimakade isawugcwalisa umhlaba wonke, bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami, akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona. Kepha inceku yami uKhalebhu, ngenxa yokuba enomoya owehlukile, futhi engilandele ngenhliziyo ephelele, ngiyomngenisa ezweni aye kulo, izizukulwane zakhe ziyakulidla. Manje, ngenxa yokuba ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini, jikani kusasa, nilibangise ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.” USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami. Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uSimakade, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami. Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami, abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni. Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuphelela kuleli hlane. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane. Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’ Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.” Lawa madoda uMose ayewathumele ukuyohlola izwe, abuya ekhononda, enza nenhlangano yonke ikhononde ngaye, ngokuletha umbiko omubi ngezwe. Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade. Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe. UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.

UNumeri 14:1-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku. Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule! UJehova usiletheleni kuleli zwe ukuba siwe ngenkemba, omkethu nabantwana bethu babe yimpango na? Bekungengcono yini ukuba sibuyele eGibithe na? Base bethi omunye komunye: “Asizibekele umbusi, sibuyele eGibithe.” OMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwenhlangano yonke yenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli. UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe, baklebhula izingubo zabo. Basebekhuluma kulo lonke ixuku labantwana bakoIsrayeli besithi: Ilizwe esadabula kulo ukulihlola lilizwe elihle kakhulu. Uma uJehova ethokoza ngathi, uyakusingenisa kuleli zwe, asinike lona; izwe elichichima ubisi nezinyosi. Ningahlubuki uJehova, ningabesabi abantu bezwe; ngoba bayisinkwa sethu; ukuzivikela kwabo kususiwe kubo, futhi iNkosi inathi; ningabesabi. Kodwa ibandla lonke lalaya ukuthi bakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana phambi kwabo bonke abantwana bakwa-Israyeli. INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na? Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce, ngenze wena ube yisizwe esikhulu nesinamandla kunabo. UMozisi wasesithi eNkosini: AmaGibhithe azakuzwa, ngoba wena ukhuphule lababantu phakathi kwabo ngamandla akho; Bazakutshela abakhileyo kuleli zwe, ngoba bezwile ukuthi iNkosi yakho iphakathi kwalaba bantu, ukuthi iNkosi yakho ibonakala ubuso nobuso, nokuthi ifu lakho limi phezu kwabo nokuthi uphuma phambi kwabo emini isikhathi ensikeni yefu nasensikeni yomlilo ebusuku. Uma ubulala bonke laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwele udumo lwakho ziyakukhuluma zithi: Ngoba iNkosi yayingelamandla okungenisa lababantu elizweni eyabathembisa isifungo, ngakho yababulala enkangala. Manje, ngiyanincenga, mawabe makhulu amandla eNkosi yami, njengoba nje nishilo ngokuthi: UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine. Xolela ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje. INkosi yasisithi: Ngithethelele njengelizwi lakho. Kodwa kuphila kwami, umhlaba wonke uzagcwala inkazimulo yeNkosi. Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami; Ngempela, ngeke balibone izwe engalifungela okhokho babo, futhi akekho noyedwa walabo abangiklolodelayo oyolibona. Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla. Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala esigodini sasesigodini. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami. Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini. Izidumbu zenu zizawela ogwadule; nabo bonke ababalwayo kini ngokwenani lenu lonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononda ngami. Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. Kepha nina abantwana enasho ukuthi niyakuba yimpango, ngiyakubangenisa, balazi izwe enalidelela. Kepha nina, izidumbu zenu, ziyakuwa ogwadule. Abantwana benu bayakuzulazula iminyaka engamashumi amane ehlane, bathwale ubufebe benu, izidumbu zenu zibhujiswe ehlane. Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami. Mina, iNkosi, ngathi: Ngokuqinisekile ngizokwenza lokhu kuyo yonke le nhlangano embi engibuthelene yona; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona. Lamadoda uMose awathumayo ukuhlola izwe, abuya abangela ukuba inhlangano yonke ikhonone ngaye ngokuletha inhlamba phezu kwezwe; Lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova. Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila. UMose wawakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu badabuka kakhulu.

UNumeri 14:1-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku. Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane. UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?” Bathi omunye komunye: “Masibeke induna, sibuyele eGibithe.” Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli. UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo, bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu. Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi. Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.” Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli. UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na? Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.” UMose wathi kuJehova: “Khona abaseGibithe bayakukuzwa, ngokuba wakhuphula laba bantu ngamandla akho phakathi kwabo, babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku. Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi: ‘Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.’ “Kalokhu ake abe makhulu amandla eNkosi njengokusho kwakho ukuthi: ‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’ Ake uthethelele ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.” UJehova wathi: “Yebo, ngiyathethelela njengezwi lakho; kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba, lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami, abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela; kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla. Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.” UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami. Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami: izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami, abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane. Njengokomumo wezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, umnyaka ngosuku, niyakuthwala ububi benu, yebo, iminyaka engamashumi amane, nize nazi ukuthi kunjani uma ngimelana nani.’ Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.” Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe, abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe, wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova. Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda. UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.