UNumeri 13:1-24

UNumeri 13:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.” UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli. Lawa angamagama abo: Owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri. Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori. Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune. Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa. Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni. Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu. Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi. Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi. Owesizwe sakwaDani: u-Amiyeli indodana kaGemali. Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli. Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi. Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki. Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa. UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni, nibone izwe ukuthi linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini, nokuthi izwe abakhe kulo linjani, noma lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu* noma yizinqaba, nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini. Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati. Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe. Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane. Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.

UNumeri 13:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo. UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli. Lawa angamagama abo: esizweni sakwaRubeni: nguShamuwa indodana kaSakuri. Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori. Owesizwe sakwaJuda, uKalebi indodana kaJefune. Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa. Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHoseya indodana kaNuni. Owesizwe sakwaBenjamini: uPhaliti indodana kaRafu. Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi. Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase, uGadi indodana kaSusi. Owesizwe sakwaDani, u-Amiyeli indodana kaGemali. Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuri indodana kaMikayeli. Owesizwe sakwaNafetali: uNagibi indodana kaWofi. Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMagi. Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa. UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Hambani ngale ndlela ngaseningizimu, nikhuphuke intaba; Bheka, izwe elikulo; nabantu abahlala khona, noma banamandla, noma bebuthakathaka, bayingcosana noma baningi; Liyini izwe abahlala kulo, noma lihle noma libi; nokuthi miphi imizi abahlala kuyo, noma basematendeni noma basezinqabeni; nokuthi izwe linjani, noma livundile noma lizolile, noma kukhona izinkuni kulo noma lingekho. Futhi yimani isibindi niveze izithelo zomhlaba. Manje kwakuyisikhathi sezithelo zomvini ezivuthiwe. Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati. Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.) Bafika emfudlaneni i-Eshikoli, bagawula khona isithende ngehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngodondolo phakathi kwababili; baletha namapomegranati namakhiwane. Le ndawo yabizwa ngokuthi isifufula sase-Eshikoli ngenxa yesithunjana sezithelo zomvini abantwana bakwa-Israyeli ababesinqumile lapho.

UNumeri 13:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.” UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli. Lawa ngamagama awo: Owesizwana sakwaRubeni: nguShamuwa, indodana kaZakhuri. Owesizwana sakwaSimeyoni: nguShafathi, indodana kaHori. Owesizwana sakwaJuda: nguKhalebhi, indodana kaJefune. Owesizwana sakwa-Isakhare: ngu-Igali, indodana kaJosefa. Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni. Owesizwana sakwaBhenjamini: nguPhaliti, indodana kaRafu. Owesizwana sakwaZebuloni: nguGadiyeli, indodana kaSodi. Owesizwana sakwaJosefa, owesizwana sakwaManase: nguGadi, indodana kaSusi. Owesizwana sakwaDani: ngu-Amiyeli, indodana kaGemali. Owesizwana sakwa-Asheri: nguSethuru, indodana kaMikhayeli. Owesizwana sakwaNafethali: nguNabi, indodana kaVofisi. Owesizwana sakwaGadi: nguGewuweli, indodana kaMakhi. Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa. Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni, nihlole ukuthi izwe linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma bantekenteke, bayingcosana noma baningi yini, nokuthi izwe abakhe kulo linjani; ngabe lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, iyizinkambu noma iyizinqaba, nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini. Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi. Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe. Bafika esigodini i-Eshikholi, banquma lapho igatsha elinehlukuzo lamagilebhisi, balithwala ngogongolo phakathi kwababili, namahananadi namakhiwane. Leyo ndawo yabizwa ngokuthi yisigodi i-Eshikholi ngenxa yehlukuzo abantu bakwa-Israyeli abalinquma lapho.