UNumeri 11:24-25
UNumeri 11:24-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose waphuma, wakhuluma amazwi kaJehova kubantu, wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, ahlala ezungeza itabernakele. INkosi yehla ngefu, yakhuluma kuye, yathatha okoMoya ophezu kwakhe, yakunika amalunga angamashumi ayisikhombisa; lapho uMoya uhlezi phezu kwabo, baprofetha, kodwa abazange bayeke.
UNumeri 11:24-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaSimakade; waqoqa amadoda angama-70 angamalunga abantu, wawamisa ethendeni nxazonke. USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi.
UNumeri 11:24-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, wawamisa ngasetendeni nxazonke. UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.