UNumeri 11:16-35

UNumeri 11:16-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngiqoqele amadoda angama-70 kumalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga nezinduna zabantu. Uwalethe ethendeni lokuhlangana, ayoma lapho kanye nawe. Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa. “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle. Aniyukuyidla nje usuku lube lunye, noma izinsuku ezimbili, noma izinsuku eziyisihlanu, noma izinsuku ezilishumi, noma izinsuku ezingama-20, kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ” Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo abahamba ngezinyawo bayizi-600 000, wena uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba bayidle inyanga yonke.’ Bangahlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibenele na? Ukhona yini oyakubalethela izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibenele na?” USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.” UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaSimakade; waqoqa amadoda angama-70 angamalunga abantu, wawamisa ethendeni nxazonke. USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi. Kepha kwakusele amadoda amabili enkanjini. Igama leyokuqala kwakungu-Elidadi, negama leyesibili kunguMedadi. Umoya wahlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo ayebhalisiwe, kodwa ayengayanga ethendeni, nawo aphrofetha enkanjini. Kwasuka insizwa yagijima yayobikela uMose, yathi: “U-Elidadi noMedadi bayaphrofetha enkanjini.” UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose kwasebusheni bayo, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.” UMose wathi kuye: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi ngabe bonke abantu bakaSimakade bangaba ngabaphrofethi, uSimakade abeke uMoya wakhe phezu kwabo.” UMose wangena enkanjini, yena namalunga abakwa-Israyeli. Kwavuka umoya ovela kuSimakade, waletha izigwaca zivela ngasolwandle, waziwisa ngasenkanjini kungathi ibanga losuku ngalapha, nebanga losuku nangale kwenkambu, nxazonke. Ukuphakama kwazo phezu komhlaba kungathi ngamakhubhithi amabili. Abantu bavuka basebenza lonke lolo lusuku, nobusuku bonke, nangosuku olulandelayo, bebutha izigwaca. Okuncane abantu abakubuthayo kwakungamahomere alishumi; bazenekela zona zazungeza inkambu. Kepha inyama isephakathi kwamazinyo abo, bengakayihlafuni, ulaka lukaSimakade lwabavuthela abantu. USimakade wabashaya abantu ngobhubhane olukhulu. Igama laleyo ndawo kwathiwa yiKibhirothi Hathawa, ngokuba kwangcwatshwa lapho labo ababenenkwankwa. Abantu basuka eKibhirothi Hathava, baya eHazerothi; bahlala eHazerothi.

UNumeri 11:16-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa. “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle. Aniyikuyidla usuku lube lunye, noma izinsuku zibe zimbili, noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili, kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ” Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.’ Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?” UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.” UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, wawamisa ngasetendeni nxazonke. UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda. Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu,* igama lenye lalingu-Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu. Kwagijima insizwa, yabika kuMose, yathi: “O-Elidadi noMedadi bayaprofetha ekamu.”* UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, owabakhethiweyo bakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.” UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.” UMose wangena ekamu,* yena namalunga akwa-Israyeli. Kwavuka umoya ovela kuJehova, waletha izigwaca zivela ngaselwandle, waziwisa ngasekamu* kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke, nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili. Abantu bavuka lonke lolo suku, nobusuku bonke, nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca; owabutha okuncane wabutha amahomere* ayishumi; bazenekela ngasekamu* nxazonke. Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu. Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iKibiroti Hathawa,* ngokuba bambela abantu abafisayo. Abantu basuka eKibiroti Hathawa, baya eHaseroti; bahlala eHaseroti.

UNumeri 11:16-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa. Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle. Aniyikudla usuku olulodwa noma izinsuku ezimbili noma ezinhlanu noma izinsuku eziyishumi noma izinsuku ezingamashumi amabili; Kodwa inyanga yonke, ize iphume emakhaleni enu, ibe yisinengiso kini, ngoba layidelela iNkosi ephakathi kwenu, lakhala phambi kwayo, lathi: Saphumelani eGibhithe? Wathi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abahamba ngezinyawo; wathi: Ngizabanika inyama, ukuze badle inyanga yonke. Umhlambi wezimvu lezifuyo uzahlatshelwa bona ubanele yini? Noma bayobuthwa zonke izinhlanzi zolwandle ukuze zibanele? INkosi yasisithi kuMozisi: Isandla seNkosi sifitshane yini? manje uzobona ukuthi izwi lami lizakuza kuwe noma qha. UMose waphuma, wakhuluma amazwi kaJehova kubantu, wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, ahlala ezungeza itabernakele. INkosi yehla ngefu, yakhuluma kuye, yathatha okoMoya ophezu kwakhe, yakunika amalunga angamashumi ayisikhombisa; lapho uMoya uhlezi phezu kwabo, baprofetha, kodwa abazange bayeke. Kwasala amadoda amabili ekamu, igama lenye lalingu-Elidadi, igama lenye lalinguMedadi; umoya wahlala phezu kwabo; bangababala, kepha babengaphumi ukuya etabernakele; baprofetha ekamu. Kwasekugijima ijaha, lamtshela uMozisi, lathi: OElidadi loMedadi baprofetha enkambeni. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, omunye wezinsizwa zakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, banqabele.” UMozisi wasesithi kuye: Ulobukhwele ngenxa yami yini? Kwangathi uNkulunkulu angabapha bonke abantu beNkosi babe ngabaprofethi, futhi uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo! UMose wamngenisa ekamu, yena namalunga akwa-Israyeli. Kwasekuphuma umoya ovela eNkosini, waletha izagwaca ezivela elwandle, zawela enkambeni, njengohambo losuku ngapha langapha, ikamu inkamba, lanjengohambo losuku ngalapha. Ukuphakama kwawo kwakuyizingalo ezimbili ebusweni bomhlaba. Abantu bavuka ngalolo suku lonke nobusuku bonke, nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca; owabutha okuncane wabutha amahomere ayishumi, bawabela ngasekamu nxazonke. Inyama isaphakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokushaywa okukhulu kakhulu. Wabiza leyondawo ngokuthi iKibrothathava, ngokuba bambela khona izinkanuko. Abantu basuka eKibroti-Hathava baya eHaseroti; wahlala eHaseroti.