UNumeri 11:11-15
UNumeri 11:11-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na? Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’ Ngiyakuyithatha kuphi inyama engingabanika yona bonke laba bantu na? Bayangikhalela ukuba ngibanike inyama badle. Mina ngokwami, angikwazi ukubathwala bonke laba bantu, ngokuba bayangisinda. Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”
UNumeri 11:11-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na? Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na? Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe inyama ukuba sidle.’ Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”
UNumeri 11:11-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMozisi wasesithi eNkosini: Uyicindezeleleni inceku yakho? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo walesi sizwe phezu kwami na? Ngabe ngibamukele bonke laba bantu? Ngabe ngabazala, ukuze uthi kimi: Bathwale esifubeni sakho, njengomondli ethwala umntwana, ubayise ezweni owalithembisa oyise ngesifungo na? Ngizakutholaphi inyama yokupha bonke lababantu? ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe ukudla, sidle.’ Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyasinda kimi. Uma ningenza kanjalo, ngibulaleni, uma ngifumene umusa emehlweni enu; futhi mangingaluboni usizi lwami.