UNehemiya 9:1-25

UNehemiya 9:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi. Abozalo luka-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, bama, bavuma izono zabo nobubi obenziwa ngokhokho babo. Bama ezindaweni zabo, kwase kufundwa umthetho kaSimakade uNkulunkulu wabo, kwathatha ingxenye yosuku; ngenye ingxenye yosuku bavuma izono zabo, badumisa uSimakade uNkulunkulu wabo. Kwase kuma endaweni ephakeme yabaLevi; uJeshuwa, uBhani, uKadimiyeli, uShabhaniya, uBhuni, uSherebhiya, uBhani noKhenani. Bamemeza ngezwi elikhulu kuSimakade uNkulunkulu wabo. AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.” “Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.” “Wena unguSimakade, uNkulunkulu owakhetha u-Abhrama, wamsusa e-Uri lamaKhaledi, waguqula igama lakhe, waba ngu-Abhrahama. Wayithola inhliziyo yakhe yethembekile kuwe, wenza isivumelwano naye, wethembisa ukwabela abozalo lwakhe izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaJebusi namaGirigashi, wakufeza owawukwethembisile ngokuba ulungile.” “Wakubona ukuhlupheka kokhokho bethu eGibhithe nasoLwandle Lomhlanga, wakuzwa ukunxusa kwabo. Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla. Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla. Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.” “Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle. Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose. Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.” “Kepha bona nokhokho bethu benza ububi, baziphakamisa, baba nenkani, bayephula imiyalelo yakho. Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle, ngisho lapho sebezibumbele umfanekiso wethole, bethi: ‘Lona nguNkulunkulu wethu, owasikhipha eGibhithe,’ nalapho benza amahlazo esabekayo. “Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo. Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma. Iminyaka engamashumi amane, wabanakekela ehlane; abantulanga lutho, izingubo zabo aziguganga, nezinyawo zabo azivuvukalanga. “Wanikela kubo imibuso nezizwe, wandisa imingcele yabo. Badla izwe likaSihoni, inkosi yaseHeshibhoni nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani. Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle. Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo. Banqoba imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo; badla izindlu ezigcwele yonke into enhle, imithombo embiweyo, izivini, amasimu emikhiwane nezithelo eziningi ezidliwayo. Badla, basutha, banonophala, bawuthokozela umusa wakho omkhulu.

UNehemiya 9:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo. Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise. Basukuma endaweni yabo, bafunda encwadini yomthetho kaJehova uNkulunkulu wabo inxenye yesine yosuku; inxenye yesine bavuma izono zabo, bakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo. Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo. AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa. Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe. “Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama; wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile. “Wabona ukuhlupheka kwawobaba eGibithe, wezwa ukukhala kwabo ngaseLwandle Olubomvu; wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla. Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla. Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo. “Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle; wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho; wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona. “Kepha bona nawoyise baqholosha, benza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho, benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga. Yebo, lapho bezenzele ithole elibunjiweyo bethi: ‘Leli linguNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe,’ benza izithuko ezinkulu, nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo. Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo. Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga. “Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani. Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla. Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo. Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.

UNehemiya 9:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana ngokuzila ukudla, bembethe izingubo zokulila nenhlabathi phezu kwakho. Abantwana bakwa-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, basukuma, bavuma izono zabo nobubi bawoyise. Basukuma endaweni yabo, bafunda ingxenye yesine yosuku encwadini yomthetho kaJehova uNkulunkulu wabo; enye ingxenye yesine yenza isivumo sayo, yakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo. Khona-ke oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebanja, noBhuni, noSherebiya, noBani, noKhenani basukuma ezitebhisini zamaLevi, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo. Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo. Wena, yebo, wena unguJehova wedwa; Wena walenza izulu, izulu lamazulu, nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuwo, uyakulonda konke; nebandla lezulu liyakukhonza. Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama; Wamisa inhliziyo yakhe ngokwethembeka phambi kwenu, wenza isivumelwano naye sokulinika izwe lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaJebusi, namaGirigashi, ukulinika inzalo yakhe, wagcwalisa amazwi akho; ngoba wena ulungile. Futhi salubona usizi lokhokho bethu eGibhithe futhi sezwa ukukhala kwabo oLwandle iSchelf; Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla. Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula ulwandle emhlabathini owomileyo; futhi wabaphonsa ekujuleni njengetshe emanzini anamandla. Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo. Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle; wazisa kubo isabatha lakho elingcwele, wabayala ngeziyalezo, nezimiso, nemithetho ngesandla sikaMose inceku yakho. Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona. Kepha bona nawobaba bazidla, bazenza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho; Akavumanga ukulalela, akacabanganga ngezimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo; kepha wena wazenza lukhuni izintamo zabo, wabeka umbusi ekuhlubukeni kwabo ukuba babuyele ebugqileni babo; kepha Wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe, obhekakade, nomusa omkhulu, futhi awuzange ubalahle. Yebo, lapho bezenzela ithole elibunjiweyo, bethi: ‘Lona nguNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe, wakubangela ukuhlupheka okukhulu; Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo. Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo. Yebo, iminyaka engamashumi amane wabasekela ehlane, abaswelanga lutho; izingubo zabo azigugi, nezinyawo zabo azivuvukalanga. Ngaphezu kwalokho, wabapha imibuso nezizwe, wabahlukanisela emagumbini, badla izwe likaSihoni, nezwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani. Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla. Abantwana bangena, balidla izwe, wabanqoba abakhileyo ezweni, amaKhanani, phambi kwabo, wabanikela esandleni sabo, namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kanjalo. Njengoba bebengenza. Bathatha imizi eqinile nezwe elivundile, badla izindlu ezigcwele konke, imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi yezithelo ngobuningi; badla, basutha, bakhuluphala, bajabula ngobuhle bakho obukhulu.