UNehemiya 8:1-12

UNehemiya 8:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli. Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde. Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda. U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami. U-Ezra wema phezu kobamba, wayivula incwadi phambi kwabo bonke abantu bembuka, ngoba wayemi ngenhla kwabo. Kwathi lapho eyivula, bonke basukuma. U-Ezra wamdumisa uSimakade uNkulunkulu, bonke abantu baphendula, bathi: “Amen! Amen,” bephakamise izandla zabo, bakhothama, bathi mbo ngobuso emhlabathini, bakhuleka kuNkulunkulu. AbaLevi: uJeshuwa, uBhani, uSherebhiya, uJamini, u-Akhubhi, uShebhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKhelitha, u-Azariya, uJozabhadi, uHanani noPhelaya, bachazela abantu umthetho; ngesikhathi abantu bemi endaweni yabo. Bafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bawuhumusha ukuze abantu bawuqonde ukuthi uthini. Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.” Wayesethi kubo: “Hambani nidle izibiliboco, niphuze newayini elimtoti, nabele nalabo abantulayo, ngokuba lolu lusuku olumiselwe uSimakade iNkosi yethu, ningabi lusizi, ngokuba intokozo eniyiphiwa nguSimakade iyinqaba yenu.” NabaLevi babaqinisa idolo, bathi: “Yekani ukukhala, ningabe nisadabuka, ngokuba namuhla lusuku olungcwele.” Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.

UNehemiya 8:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli. U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho. U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu. U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma. U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: “Amen, Amen,” bephakamisa izandla zabo; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi. NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo. Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo. UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho. Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.” AmaLevi ayesethulisa abantu bonke, ethi: “Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki.” Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.

UNehemiya 8:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli. U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa. Wayifunda phambi kwesitaladi esiphambi kweSango Lamanzi kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuqonda; izindlebe zabo bonke abantu zalalela incwadi yomthetho. U-Ezra umbhali wayemi epulpiti lamapulangwe ababelenzele lona; ngakuye uMatitja, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseja, bemi ngakwesokunene sakhe; futhi ngakwesobunxele sakhe uPhedaya noMishayeli noMalikhiya noHashumi noHasbadana noZakariya noMeshulamu. U-Ezra wayivula incwadi phambi kwamehlo abo bonke abantu; (ngokuba wayephezu kwabo bonke abantu;) lapho eyivula, bonke abantu basukuma. U-Ezra wambonga uJehova, uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: Amen, amen, ngokuphakamisa izandla zabo; bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi. OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo. Base befunda ngokucacile encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bachaza incazelo, babenza baqonde okufundwayo. UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho. Wayesethi kubo: “Hambani nidle amanoni, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselelwanga lutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu; ngokuba intokozo kaJehova ingamandla enu. AmaLevi athulisa abantu bonke, athi: “Thulani, ngokuba usuku lungcwele; futhi ningadabuki. Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo.