UNehemiya 6:1-19

UNehemiya 6:1-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi lapho oSanibhalati, noThobiya, noGesemi, umArabhi, nezinye izitha zethu, bezwile ukuthi ngase ngilwakhile ugange nokuthi akusalanga sikhala kulo; (nakuba ngaleso sikhathi ngangingayifakanga iminyango emasangweni;) oSanibhalati noGesemi bathumela kimi ukuthi: “Woza, sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Kodwa bacabanga ukungilimaza. Ngase ngithuma izithunywa kubo ukuthi: Ngenza umsebenzi omkhulu, kanginakwehla; umsebenzi ungayekiswani, uma ngiwushiya, ngehlela kini na? Kodwa bathumela kimi lolo hlobo kane; nami ngaziphendula ngokunjalo. Inceku yakhe uSanibhalati yasithumela kimi ngokwesihlanu ngendlela efanayo, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo; Kulotshiwe kulo ukuthi: Kuzwakele kwabezizwe, noGasmu usho lokhu ukuthi wena nabaJuda nicabanga ukuhlubuka; ngalokho ulwakhile ugange, ukuze ube yinkosi yabo ngokwalawa mazwi. Futhi wamisa abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema, bathi: Kukhona inkosi kwaJuda; manje kuzobikwa enkosini ngokwalawa mazwi. Woza-ke, sicebisane. Ngasengithumela kuye ukuthi: Akwenziwanga izinto ezinjengalezo ozitshoyo, kodwa uziveze enhliziyweni yakho. Ngoba basethuse sonke, bathi: Izandla zabo zizadangala emsebenzini, ukuze ungenziwa. Qinisa izandla zami manje, O Nkulunkulu. Ngase ngifika endlini kaShemaya indodana kaDelaya indodana kaMehetabeli eboshiwe; wathi: “Masibuthane endlini kaNkulunkulu, phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakuza ukukubulala; yebo, ebusuku bayakuza ukukubulala. Ngasengisithi: Umuntu onjengami uzabaleka yini? Ngubani onjengami ongangena ethempelini ukusindisa ukuphila kwakhe na? Ngeke ngingene. Futhi bheka, ngabona ukuthi uNkulunkulu wayengamthumanga; kodwa ukuthi ukhulume lesi siprofetho ngami, ngokuba uThobiya noSanibhalati bamqashile. Kungakho wayeqashiwe, ukuze ngesabe, ngenze njalo, ngone, babe necala elibi, bangihlebe. Nkulunkulu wami, khumbula oThobiya noSanibhalati njengalezi zenzo zabo, nangomprofethikazi uNowadiya nabanye abaprofethi ababengangethusa. Ugange lwaqedwa ngosuku lwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili. Futhi kwenzeka ukuthi lapho zonke izitha zethu zizwa lokhu, futhi zonke izizwe ezazisizungezile zibona lezi zinto, zadangala kakhulu emehlweni azo, ngokuba zabona ukuthi lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu wethu. Ngaphezu kwalokho, izikhulu zakwaJuda zathumela izincwadi eziningi kuThobiya ngalezo zinsuku, nezincwadi zikaThobiya zafika kubo. Ngokuba babebaningi kwaJuda abafunga kuye, ngokuba wayengumkhwenyana kaSheganiya indodana ka-Ara; indodana yakhe uJohanani yathatha indodakazi kaMesulamu indodana kaBeregiya. Bamtshela izenzo zakhe ezinhle phambi kwami lamazwi ami. NoThobias wathumela izincwadi zokungethusa.

UNehemiya 6:1-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni, uSanibhalathi noGeshemi bangithumelela umyalezo othi: “Woza sihlale phansi sidingide lolu daba komunye wemizana esethafeni e-Ono.” Kepha babehlose ukungenza isilo sengubo. Ngathumela izigijimi kubo, ngathi: “Ngimatasatasa ngomsebenzi omkhulu, ngeke ngehle ngize lapho kini. Ngizowuyekelani umsebenzi engiwenzayo, ngehle ngize lapho kini na?” Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo. Ngehlandla lesihlanu, uSanibhalathi wangithumelela lowo myalezo ngenceku yakhe, kodwa kwakuyincwadi engavaliwe. Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kunamahlebezi ezizweni athi wena nabaJuda niceba ukuvukela inkosi, yingakho wakha kabusha ugange nje; ngokwalowo mbiko wena uzoba yinkosi yabo, noGashimu uyawafakazela lawo mahlebezi. Usuqoke abaphrofethi eJerusalema abazommezela ngawe, bathi: ‘Kunenkosi kwaJuda!’ Lawo mahlebezi angahle afinyelele enkosini, ngakho-ke woza sizohlangana, sikhulume.” Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Lokho okushoyo akusilona iqiniso; nguwena nje ozakhele lezo zinto.” Ngokuba bonke babefuna ukusethusa, bethi: “Bazodikibala bayeke ukusebenza.” Ngakhuleka ngathi: “Nkulunkulu, qinisa izandla zami.” Ngelinye ilanga ngavakashela uShemaya, indodana kaDelaya owayezalwa nguMehethabheli. UShemaya wayengaphumi emzini wakhe. Waphrofetha wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu, ngaphakathi ethempelini, sihluthulele iminyango yalo, ngokuba bayeza ukuzokukubulala. Impela bazofika ngalobu busuku ukuzokukubulala.” Ngamphendula ngathi: “Ngabe indoda enjengami nje ingabaleka yini na? Ngabe indoda efana nami ingangena yini ethempelini ukuze isindise impilo yayo na? Ngeke ngingene kulo.” Ngabona ukuthi wayengathunywanga nguNkulunkulu, kodwa wayeqashwe nguThobiya noSanibhalathi ukuba asho leso siphrofetho ngami. Babemqashe ngenhloso yokungesabisa ukuze ngenze isono ngokwenza kanjalo, bangigxibhe, bangithele ngehlazo. “Nkulunkulu wami, khumbula okwenziwe nguThobiya noSanibhalathi, ungiphindiselele kubo nakumphrofethikazi uNowadiya, nakwabanye abaphrofethi abazama ukungesabisa.” Umsebenzi wokwakhiwa kabusha kogange waphela mhla zingama-25 ngenyanga u-Eluli, wathatha izinsuku ezingama-52. Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu. Phezu kwalokho izikhulu zakwaJuda, ngalezo zinsuku, zazibhalelana noThobiya, ngokuba abaJuda abaningi babenesibopho sesifungo ababesenze naye, ngoba wayeganwe yindodakazi kaShekhaniya, indodana ka-Ara, indodana yakhe, uJehohanani, iganwe yindodakazi kaMeshulami, indodana kaBherekhiya. Phambi kwami, babehlale betusa izenzo zakhe ezinhle; bembikela ngakho konke engangikusho. UThobiya wayengithumelela izincwadi zokungesabisa.

UNehemiya 6:1-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni, oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi. Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?” Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo. USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu, iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo. Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi. Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.” Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.” Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.” Ngase ngiya endlini kaShemaya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.” Ngathi: “Umuntu onjengami abaleke na? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni.” Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati. Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze. Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.” Ugange lwaphela ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili. Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho, abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu. Phezu kwalokho abakhulu bakwaJuda bathuma ngalezo zinsuku izincwadi eziningi kuThobiya, nezikaThobiya zafika kubo. Ngokuba abaningi bakwaJuda babefungile kubo, ngokuba wayengumkhwenyana kaShekaniya indodana ka-Ara; indodana uJehohanani yayithathile indodakazi kaMeshulamu indodana kaBerekiya. Bakhuluma ngezenzo zakhe ezinhle phambi kwami, bamukisa kuye amazwi ami. UThobiya wathuma izincwadi ukungesabisa.