UNehemiya 5:14-16
UNehemiya 5:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kusukela ngosuku inkosi u-Arithahishashitha eyangibeka ngalo ngaba ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, ngonyaka wama-20 wokubusa kwayo, kuze kube ngunyaka wama-32, okuyiminyaka eli-12 isiyonke, mina nabafowethu asidlanga sabelo sombusi. Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu. Ngasebenza ngokuzikhandla emsebenzini wami wokwakha kabusha ugange, angizange ngizithengele nsimu. Zonke izinceku zami zazimatasatasa ekwakhiweni kabusha kogange.
UNehemiya 5:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi. Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Phezu kwalokho ngabambelela emsebenzini wogange, asithenganga zwe; zonke izinceku zami zabuthana khona emsebenzini.
UNehemiya 5:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngaphezu kwalokho, kusukela esikhathini engamiswa ngaso ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kusukela ngomnyaka wamashumi amabili kwaze kwaba ngumnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nambili, mina nabafowethu asizange sisidle isinkwa sombusi. Kodwa ababusi bangaphambili ababengaphambi kwami bahlambalaza abantu, bathatha kubo isinkwa newayini, ngaphandle kwamashekeli angamashumi amane esiliva; yebo, ngisho nezinceku zabo zibusa phezu kwabantu; kepha angikwenzanga lokho ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Yebo, ngaqhubeka nomsebenzi walolu donga, futhi asithenganga mhlaba, futhi zonke izinceku zami zabuthana lapho emsebenzini.