UNehemiya 2:11-17
UNehemiya 2:11-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngafika eJerusalema ngahlala khona izinsuku ezintathu. Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele. Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Ngaqhubekela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kodwa kwakungasekho ndlela yokuba isilwane engangigibele kuso siqhubeke. Ngakhuphuka ngomhosha ebusuku, ngihlola ugange. Ngase ngibuyela emzini, ngangena ngeSango Lesigodi; ngabuya kanjalo-ke. Akukho namunye ezikhulwini owayazi ukuthi bengiyephi nokuthi ngangenzani. Ngangingakabatsheli abaJuda, abaphristi, abaholi, izikhulu nabanye ababezokwenza umsebenzi. Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”
UNehemiya 2:11-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu. Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso. Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso. Ngangikhuphula umfudlana ebusuku, ngabuka ugange, ngaphenduka, ngangena ngeSango Lesigodi, ngaphindela emuva. Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo; futhi ngangingakabatsheli abaJuda, nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi. Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”
UNehemiya 2:11-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu; Ngavuka ebusuku, mina namadoda ambalwa kanye nami; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu wami abekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele eJerusalema; futhi kwakungekho silwane kimi ngaphandle kwesilwane engangisigibele. Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi ngaphambi komgodi kadrako naseSangweni Lomquba, ngabona izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Khona-ke ngadlulela esangweni lomthombo nasechibini lenkosi, kodwa kwakungekho ndawo yokuba isilwane engangisigibele sidlule. Khona-ke ngenyuka emfuleni ebusuku, ngabheka odongeni, ngaphenduka, ngangena ngesango lesigodi, ngaphindela emuva. Ababusi babengazi lapho engaya khona nokuthi ngenzani; futhi angikawatsheli amaJuda, nabapristi, noma izikhulu, nababusi, nabanye abenza umsebenzi. Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.