UNehemiya 2:1-20

UNehemiya 2:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Kungani ubuso bakho budangele wena ube ungaguli na? Lokhu kufanele kube ngukudangala okuvela enhliziyweni.” Ngesaba kakhulu. Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?” Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.” Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso. Ngathi enkosini: “Uma kwemukelekile enkosini, manginikwe izincwadi engiyozethula kubabusi besifundazwe esisentshonalanga yomfula iYufrathe, ukuze banginike imvume yokudabula ngaphandle kwezihibe, ngize ngifike kwaJuda. Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami. Inkosi yathumela izikhulu zempi nabagibele amahhashi ukuba bangiphelekezele. Ngafinyelela kubabusi besifundazwe esiseNtshonalanga yeYufrathe, ngabanika izincwadi ezazibhalwe yinkosi. Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu. Ngafika eJerusalema ngahlala khona izinsuku ezintathu. Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele. Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Ngaqhubekela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kodwa kwakungasekho ndlela yokuba isilwane engangigibele kuso siqhubeke. Ngakhuphuka ngomhosha ebusuku, ngihlola ugange. Ngase ngibuyela emzini, ngangena ngeSango Lesigodi; ngabuya kanjalo-ke. Akukho namunye ezikhulwini owayazi ukuthi bengiyephi nokuthi ngangenzani. Ngangingakabatsheli abaJuda, abaphristi, abaholi, izikhulu nabanye ababezokwenza umsebenzi. Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.” Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi. Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?” Ngabathumelela impendulo ethi: “UNkulunkulu wezulu uzosiphumelelisa, thina zinceku zakhe sizosukuma, siqale sakhe kabusha, kodwa nina aninasabelo, nalungelo, nanto eyisikhumbuzo eJerusalema.”

UNehemiya 2:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Ubuso bakho bubipheleni, lokhu ungaguli, na? Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela.” Ngase ngesaba kakhulu. Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?” Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.” Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile. Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda, kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami. Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula,* ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi. Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli. Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu. Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso. Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso. Ngangikhuphula umfudlana ebusuku, ngabuka ugange, ngaphenduka, ngangena ngeSango Lesigodi, ngaphindela emuva. Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo; futhi ngangingakabatsheli abaJuda, nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi. Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.” Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi. Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?” Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.”

UNehemiya 2:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngenyanga kaNisani, ngomnyaka wamashumi amabili wenkosi u-Aritahishashita, kwakukhona iwayini phambi kwakhe, ngalithatha iwayini ngalinika inkosi. Manje angibanga lusizi phambi kwakhe ngaphambili. Ngakho inkosi yathi kimi: Kungani ubuso bakho budanile, lokhu ungaguli? akulutho ngaphandle kosizi lwenhliziyo. Ngase ngesaba kakhulu, Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na? Inkosi yasisithi kimi: Ucelani? Ngakho ngakhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ibona kufanele, njalo uba inceku yakho ithole umusa emehlweni akho, ngithume kwaJuda, emzini wamangcwaba awobaba, ukuze ngiwakhe. Inkosi yasisithi kimi (indlovukazi yayihlezi layo): Uhambo lwakho luzakuba ngakanani? futhi uzobuya nini? Ngakho kwaba kuhle enkosini ukungithuma; ngase ngimbeka isikhathi. Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ithanda, kabanikelwe ababusi abangaphetsheya kweYufrathe izincwadi zami, ukuze bangisuse ngize ngifike kwaJuda; nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami. Ngase ngifika kubabusi ngaphesheya komfula ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yasithuma kanye lami izinduna zempi labagadi bamabhiza. Lapho uSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, bezwa ngakho, badabuka kakhulu ngokuthi kufike umuntu ukuzofuna okuhle kwabantwana bakwa-Israyeli. Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu; Ngavuka ebusuku, mina namadoda ambalwa kanye nami; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu wami abekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele eJerusalema; futhi kwakungekho silwane kimi ngaphandle kwesilwane engangisigibele. Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi ngaphambi komgodi kadrako naseSangweni Lomquba, ngabona izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Khona-ke ngadlulela esangweni lomthombo nasechibini lenkosi, kodwa kwakungekho ndawo yokuba isilwane engangisigibele sidlule. Khona-ke ngenyuka emfuleni ebusuku, ngabheka odongeni, ngaphenduka, ngangena ngesango lesigodi, ngaphindela emuva. Ababusi babengazi lapho engaya khona nokuthi ngenzani; futhi angikawatsheli amaJuda, nabapristi, noma izikhulu, nababusi, nabanye abenza umsebenzi. Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba. Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami; kanjalo namazwi enkosi eyawakhuluma kimi. Bathi: “Masisuke sakhe.” Ngakho baqinisa izandla zabo kulomsebenzi omuhle. Kepha lapho oSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, noGeshemu umArabhi, bezwa lokho, basihleka, basidelela, bathi: “Kuyini lokhu enikwenzayo na?” nizohlubuka enkosini na? Ngabaphendula ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu nguyena oyakusiphumelelisa; ngakho-ke thina, zinceku zakhe, siyakusukuma sakhe; kodwa aninasabelo nalungelo nasikhumbuzo eJerusalema.