UNehemiya 12:27-47

UNehemiya 12:27-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu. Amaqembu abaculi abuthana evela ethafeni elalizungeze iJerusalema, nasemizaneni yabaLevi, naseBhethi Giligali, nasemasimini eGebha, nase-Azimavethi, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema. Abaphristi nabaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, amasango nogange. Ngase nginyusela phezu kogange abaholi bakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezazibonga, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene sogange, saya ngaseSangweni Lomquba; emva kwaso kwahamba uHoshaya nengxenye yabaholi bakwaJuda, u-Azariya, u-Ezra, uMeshulamu, uJuda, uBhenjamini, uShemaya, uJeremiya namadodana athile abaphristi ephethe amacilongo: uZakhariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakhuri, ka-Asafa nabafowabo uShemaya, u-Azareli, uMilalayi, uGilalayi, uMahayi, uNethaneli, uJuda noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, engaphambi kwabo. NgaseSangweni Lomthombo, phambi kwabo, bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide, ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi, empumalanga. Esinye isigaba saya ngakwesokhohlo, mina ngasilandela nengxenye yabantu ogangeni, ngasenhla kombhoshongo wezithando, kwaze kwaba soGangeni Olubanzi, nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele. Zase zima endlini kaNkulunkulu lezo zigaba zombili zababongayo, nami nezikhulu engangihamba nazo; nabaphristi u-Eliyakimi, uMahaseya, uMiniyamini, uMikhaya, u-Eliyohenayi, uZakhariya, noHananiya, bephethe amacilongo, noMahaseya, uShemaya, u-Eleyazare, u-Uzi, uJehohanani, uMalikhiya, u-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela bebhidiswa ngumphathi wabo, uJizirahiya. Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi, ngoba yibona ababenza isiko lokuhlanza abantu ngokwemithetho kaNkulunkulu wabo, njengoba kwakwenza abahlabeleli nabalindisango, ngokomyalo kaDavide noSolomoni, indodana yakhe. Kusukela kudala, ngezinsuku zikaDavide no-Asafa, kwakunabaholi babaculi, behola amaculo okudumisa nokubonga uNkulunkulu, ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.

UNehemiya 12:27-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.* Abantwana babahlabeleli babuthana bevela ethafeni elalizungeza iJerusalema nasemizaneni yamaLevi, naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema. Abapristi namaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, namasango, nogange. Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba; emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda, no-Azariya, no-Ezra, noMeshulamu, noJuda, noBenjamini, noShemaya, noJeremiya, kanye namadodana athile abapristi ephethe amacilongo: uZakariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakuri, ka-Asafa, nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo. NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi. Esinye isigaba saya ngakwesokhohlo, mina ngasilandela kanye nenxenye yabantu ogangeni, ngasenhla koMbhoshongo Wezithando, kwaze kwaba soGangeni Olubanzi, nangenhla kweSango lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, naseSangweni Lezinhlanzi, naseMbhoshongweni KaHananeli naseMbhoshongweni KaHameya, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Letilongo. Zase zima lezo zigaba zombili zababongayo endlini kaNkulunkulu kanye nami, nenxenye yababusi inami, nabapristi o-Eliyakimi, noMahaseya, noMiniyamini, noMikhaya, no-Eliyohenayi, noZakariya, noHananiya, bephethe amacilongo, noMahaseya, noShemaya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJehohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela ngokuzwakalisayo, benoJizirahiya umbonisi wabo. Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema. Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe. Bagcina imfanelo kaNkulunkulu wabo nemfanelo yokuhlambulula kanye nabahlabeleli nabalindisango njengemiyalo kaDavide noSolomoni indodana yakhe. Ngokuba nasemihleni kaDavide neka-Asafa kwasendulo kwakukhona abaholi babahlabeleli kanye nezihlabelelo zokudumisa nezokubonga uNkulunkulu. Wonke u-Israyeli wayesenika emihleni kaZerubabele nasemihleni kaNehemiya abahlabeleli nabalindisango izabelo njengokufunekayo imihla ngemihla; bakungcwelisela amaLevi, namaLevi akungcwelisela amadodana ka-Aroni.

UNehemiya 12:27-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ekwehlukaniselweni kogange lwaseJerusalema afuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba awalethe eJerusalema, ukugubha ukuhlanjululwa ngenjabulo, nangokubonga nangokuhlabelela, namasimbali, namahabhu, nangezinsimbi. Amadodana abahlabeleli abuthana ethafeni elizungeza iJerusalema nasemizini yaseNethofati; nasendlini yaseGiligali nasensimini yaseGeba nase-Asmaweti; ngoba abahlabeleli bazakhela imizi nxazonke zeJerusalema. Abapristi namaLevi bazihlambulula, nabantu, namasango, nogange. Ngase ngikhuphulela umduli izikhulu zakwaJuda, ngamisa izixuku ezimbili ezinkulu zezingoma, esinye sazo esangena kwesokudla sogange kuze kube seSangweni Lomquba. Ngemva kwabo kwaphuma uHoshaya nengxenye yezikhulu zakwaJuda. No-Azariya, no-Ezra, noMeshulamu, oJuda noBenjamini noShemaya noJeremiya, Abanye emadodaneni abapristi bephethe amacilongo; uZakariya indodana kaJonathani indodana kaShemaya indodana kaMathaniya indodana kaMikaya indodana kaSaguri indodana ka-Asafa; Abafowabo, oShemaya, no-Asareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, benezinsimbi zokubethwa zikaDavide umuntu kaNkulunkulu, no-Ezra, umbhali, phambi kwabo. ESangweni Lomthombo elibhekene nabo, bakhuphuka ngezitebhisi zoMzi kaDavide emqashweni wogange phezu kwendlu kaDavide, besiya eSangweni Lamanzi ngasempumalanga. Esinye isixuku sezihlabelelo sahamba malungana nabo, mina ngemva kwabo nengxenye yabantu esodongeni, kusukela ngale kombhoshongo weziko kuze kufike odongeni olubanzi; naphezu kweSango lakwa-Efrayimi, naphezu kweSango Elidala, naphezu kweSango Lezinhlanzi, naphezu kombhoshongo kaHananeli, naseMbhoshongweni waseMehagi, kuze kube seSangweni Lezimvu; bema esangweni letilongo. Ngakho izixuku ezimbili zezihlabelelo zema endlini kaNkulunkulu, mina nengxenye yababusi kanye nami. Abapristi; o-Eliyakimi, noMahaseya, noMiniyamini, noMigaya, no-Eliyohenayi, noZakariya, noHananiya, benamacilongo; noMahaseya, noShemiya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Futhi abahlabeleli bahlabelela phezulu, kanye noJísraja, umnakekeli wabo. Basebesenza imihlatshelo emikhulu ngalolosuku, bathokoza, ngoba uNkulunkulu wabenza ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwaze kwazwakala ukuthokoza kweJerusalema kude. Ngaleso sikhathi kwamiswa abathile ukuba babe ngabaphathi bamakamelo engcebo, neminikelo, nolibo nokweshumi, ukuze kuqoqwe emasimini emizi izabelo zomthetho zabapristi namaLevi ezikuyo; UJuda wajabula ngabapristi namaLevi ababelindile. Abahlabeleli nabalindisango bagcina umlindo kaNkulunkulu wabo nomlindo wokuhlanjululwa ngokomyalo kaDavide noSolomoni indodana yakhe. Ngokuba ezinsukwini zikaDavide no-Asafa zasendulo kwakukhona abaholi babahlabeleli, nezingoma zokudumisa nokubonga, kube inkazimulo kaNkulunkulu. Wonke u-Israyeli emihleni kaZerubabele nangezinsuku zikaNehemiya wayenika izabelo zabahlabeleli nabalindisango, usuku ngalunye isabelo salo; bazingcwelisela amaLevi izipho ezingcwele; amaLevi angcwelisela amadodana ka-Aroni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo