NgokukaMarku 8:36-38
NgokukaMarku 8:36-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini umuntu anganikela ngayo ukuze ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na? Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”
NgokukaMarku 8:36-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, alahlekelwe umphefumulo wakhe? Kumbe umuntu anganikela ngani kube yisihlengo somphefumulo wakhe? Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
NgokukaMarku 8:36-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, alahlekelwe umphefumulo wakhe? Kumbe umuntu anganikela ngani kube yisihlengo somphefumulo wakhe? Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
NgokukaMarku 8:36-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na? Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”