NgokukaMarku 14:27-72

NgokukaMarku 14:27-72 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

UJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. Kodwa uPetro wathi kuye: Lanxa bonke bezakhubeka, mina kangisoze. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu. Kodwa waqinisa kakhulu wathi: Loba ngingaze ngife lawe, kangisoze ngikuphike. Ngokunjalo babuye bathi bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena. Wasesiza, wabafica belele, wathi kuPetro: Simoni, ulele yini? Ubungekwazi ukulinda ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba, wakhuleka, esho wona lawo mazwi. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bamphendule bathini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, ongikhaphelayo useduze. Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu. izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu. Basebemusa uJesu kumphristi omkhulu, kwasekubuthana kuye bonke abapristi abakhulu labadala lababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale; kabatholanga lutho. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasekusukuma abathile bafakaza amanga ngaye, besithi. Thina samuzwa ethi: Mina ngizadiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, njalo ngensuku ezintathu ngizakwakha elinye elingenziwe ngezandla. Kodwa ngokunjalo ubufakazi babo abuvumelananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa wathula, kaphendulanga lutho. Umpristi omkhulu waphinda wambuza, wathi kuye: Wena unguKristu, iNdodana yoBongekayo na? UJesu wathi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabafunelani ofakazi na? Nizwile ukuhlambalaza; nithini na? Base bemlahla bonke ngokuthi unecala lokufa. Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya. Kwathi uPetro esegcekeni ngaphansi, kwafika enye yezincekukazi zomphristi omkhulu. Yabona uPetru esotha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha. Kepha waphika wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi okushoyo. Waphumela emnyango; lakhala iqhude. Incekukazi yaphinda yambona, yaqala ukuthi kwababemi khona: Lo ungomunye wabo. Waphinda waphika. Kwathi emva kwesikhatshana futhi ababemi khona bathi kuPetro: Isibili ungomunye wabo, ngoba ungowaseGalili, lokukhuluma kwakho kuvumelana lakho. Kodwa waqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu enikhuluma ngaye. Lakhala ngokwesibili iqhude. UPetru wakhumbula izwi uJesu alisho kuye lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu. Esecabanga, wakhala.

NgokukaMarku 14:27-72 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umelusi, izimvu zihlakazeke.’ Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPhethro wathi kuye: “Noma bonke bangakuhlamuka, kodwa mina ngeke.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namhlanje, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.” Kepha uPhethro wagcizelela ngamandla, wathi: “Noma ngabe kubiza ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho kanjalo bonke. Base befika endaweni okuthiwa iGethsemane; wayesethi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.” Wayesethatha uPhethro, uJakobe, noJohane; waqala ukubhocobala nokuba nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu. Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.” Wayesebuyela kubafundi bakhe, wabafumana belele; wayesethi kuPhethro: “Simoni, ulele na? Ubungelinde nje ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya uyavuma, kodwa inyama ibuthakathaka.” Wabuye wasuka wayokhuleka, ephinda lona lelo lizwi. Waphinde wabuyela kubo, wabafica futhi belele, ngokuba amehlo abo ayesinda ubuthongo; abazanga ukuthi bangamphendula bathini. Wabuyela kubo ngokwesithathu, wathi: “Namanje nisalele, niphumule. Kwanele, selifikile ihora; iNdodana yomuntu isizokhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Niyabona-ke, ongikhaphelayo usesondele.” Kuthe nje uJesu engakaligwinyi, kwase kufika uJuda, omunye wabali-12, nesixuku esihlome ngezinkemba nezinduku, sithunywe abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga. Lo omkhaphelayo wayebanike uphawu lokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye nimqaphile.” Esefikile uJuda wasondela kuJesu ngokushesha, wathi: “Rabi!” Wayesemanga. Base bemdumela, bambopha. Omunye kwababemi lapho wahosha inkemba, wayigenca inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphume sengathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukuba nizongibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.” Base bemshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile eyayimlandela, yayembethe ingubo yelineni emzimbeni; bayibamba, kodwa yayishiya ingubo yayo yelineni, yabaleka inqunu. Base bemhola uJesu, bamyisa kumphristi omkhulu, kwabuthana bonke abaphristi abakhulu, amalunga nezazimthetho. UPhethro wamlandela ebuqamama, waze wangena egcekeni lomphristi omkhulu. UPhethro wahlala nezikhonzi, otha umlilo. Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale, kodwa ababutholanga. Abaningi bafakaza amanga ngaye, kodwa ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, kuthi emva kwezinsuku ezintathu, ngakhe elinye elingenziwanga ngezandla.’ ” Nakuba sekunjalo, ubufakazi babo abuzange buhlangane. Kwasukuma umphristi omkhulu phakathi kwabo, wabuza uJesu, wathi: “Awuphenduli ngalutho kulobu bufakazi abakumangalela ngabo na? Kuyikho yini lokhu abakufakaza ngawe?” Kepha wathula, akazange aphendule ngalutho. Umphristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “Ngabe Wena unguKhristu, iNdodana yoBongekayo na?” UJesu wathi: “Nginguye. Niyakuyibona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabadingelani ofakazi na? Senizizwele ehlambalaza; pho nithini?” Bonke bamlahla ngecala, bethi ufanelwe ngukufa. Abanye baqala ukumkhafulela ngamathe, nokumgubuzela ubuso nokumshaya, bethi kuye: “Phrofetha.” Nezikhonzi zamthatha, zammukula. Kwathi uPhethro esesegcekeni ezansi, kwafika enye yamantombazane omphristi omkhulu, yathi ukumbona uPhethro otha umlilo, yambhekisisa, yayisithi kuye: “Nawe, ubunoJesu waseNazaretha.” Kepha waphika, wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi lokhu okushoyo;” waphumela phandle enkundleni; laselikhala iqhude. Intombazane imbona, yabuye yathi futhi kulabo ababemi lapho: “Lo ungomunye wabo.” Kepha uPhethro wabuye waphika. Emva kwesikhashana futhi labo ababemi lapho bathi kuPhethro: “Impela wena ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.” UPhethro wayeseqala ukwethuka, futhi wafunga ethi: “Angimazi lo muntu enikhuluma ngaye.” Masinyane laselikhala iqhude okwesibili. UPhethro wayeselikhumbula izwi alisho uJesu kuye, ethi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu.” Waqhumuka wakhala.

NgokukaMarku 14:27-72 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.’ Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPetru wathi kuye: “Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.” Kepha waqinisa ngamandla, wathi: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.” Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.” Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.” Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga. Base bembeka izandla, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.” Bamshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze. Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ” Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?” Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na? Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula. UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu, yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.” Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude. Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: “Lona ungomunye wabo.” Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.” Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.” Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.

NgokukaMarku 14:27-72 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. Kodwa uPetro wathi kuye: Lanxa bonke bezakhubeka, mina kangisoze. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu. Kodwa waqinisa kakhulu wathi: Loba ngingaze ngife lawe, kangisoze ngikuphike. Ngokunjalo babuye bathi bonke. Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukumangala nokukhathazeka kakhulu; wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi. Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena. Wasesiza, wabafica belele, wathi kuPetro: Simoni, ulele yini? Ubungekwazi ukulinda ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya ulungile, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba, wakhuleka, esho wona lawo mazwi. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bamphendule bathini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, ongikhaphelayo useduze. Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu. Basebemusa uJesu kumphristi omkhulu, kwasekubuthana kuye bonke abapristi abakhulu labadala lababhali. UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuze bambulale; kabatholanga lutho. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. Kwasekusukuma abathile bafakaza amanga ngaye, besithi. Thina samuzwa ethi: Mina ngizadiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, njalo ngensuku ezintathu ngizakwakha elinye elingenziwe ngezandla. Kodwa ngokunjalo ubufakazi babo abuvumelananga. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa wathula, kaphendulanga lutho. Umpristi omkhulu waphinda wambuza, wathi kuye: Wena unguKristu, iNdodana yoBongekayo na? UJesu wathi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisabafunelani ofakazi na? Nizwile ukuhlambalaza; nithini na? Base bemlahla bonke ngokuthi unecala lokufa. Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya. Kwathi uPetro esegcekeni ngaphansi, kwafika enye yezincekukazi zomphristi omkhulu. Yabona uPetru esotha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha. Kepha waphika wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi okushoyo. Waphumela emnyango; lakhala iqhude. Incekukazi yaphinda yambona, yaqala ukuthi kwababemi khona: Lo ungomunye wabo. Waphinda waphika. Kwathi emva kwesikhatshana futhi ababemi khona bathi kuPetro: Isibili ungomunye wabo, ngoba ungowaseGalili, lokukhuluma kwakho kuvumelana lakho. Kodwa waqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu enikhuluma ngaye. Lakhala ngokwesibili iqhude. UPetru wakhumbula izwi uJesu alisho kuye lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu. Esecabanga, wakhala.