NgokukaMarku 14:1-9
NgokukaMarku 14:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale. Ngakho bathi: “Makungabi ngomkhosi, kungaze kube khona isiyaluyalu esizweni.” Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe. Kepha kwakukhona abanye abakhuluma bodwa ngokuthukuthela, bethi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu. Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo. Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”
NgokukaMarku 14:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwezinsuku ezimbili kwakukhona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale. Kodwa bathi: Kungabi ngomkhosi, hlezi kube khona isiyaluyalu ebantwini. Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda. Kwakukhona nabathukuthela phakathi kwabo, bathi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? Ngokuba la mafutha ngabe athengiswe ngawodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu, kuphiwe abampofu. Basebekhonona ngaye. UJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Wenze umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo, futhi noma nini lapho sukuba nithanda, ningabenzela okuhle, kepha mina aninami njalo. Wenze abengakwenza; useze wagcobela umzimba wami ukungcwatshwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye.
NgokukaMarku 14:1-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 14:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emva kwezinsuku ezimbili, kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna ithuba lokuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale. Base bethi: “Makungabi ngomkhosi, funa kusuke isiyaluyalu esizweni.” Kwathi eseseBhethaniya ehleli edla, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabhaste wamafutha enadi lodwa, elibiza inani elikhulu. Wawuchoboza umfuma, wathela amafutha ekhanda likaJesu. Kepha abanye bathukuthela base bekhuluma bodwa, bethi: “Kungani kumoswa lawa mafutha na? Ngokuba lawa mafutha ngabe athengisiwe ngodaneriyu abangaphezu kwama-300, kwaphiwa abampofu.” Base bemthukuthelela owesifazane. Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Wenze umsebenzi omuhle kimi. Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo. Wenze okungangamandla akhe; uwugcobile umzimba wami, ewugcobela ukuba umbelwe ngaphambi kwesikhathi. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”