NgokukaMarku 10:17-30

NgokukaMarku 10:17-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.” Kepha yena wathi: “Mfundisi, ngikugcinile konke lokho kusukela ebusheni bami.” UJesu wambheka, wamthanda, wayesethi kuye: “Kunye vo okusakusilele; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.” Kepha lelo lizwi lamnyukubalisa, waphindela emuva ebhocobele, ngokuba wayecebe kakhulu. UJesu waqalaza, wayesethi kubafundi bakhe: “Maye, kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!” Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Bamangala kakhulu, omunye wathi komunye: “Pho ngubani ongasindiswa na?” UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.” UPhethro wayesethatha ethi kuye: “Uyabona, thina sikushiye konke, sakulandela.” UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade.

NgokukaMarku 10:17-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. Waphendula wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. Khona uJesu embuka emthanda, wathi kuye: Inye into oyisweleyo: hamba, uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; mina. Wadabuka ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu! Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu! Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yenaliti, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Basebemangala kakhulukazi, bakhulumisana besithi: Pho kungasindiswa bani? UJesu wababheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka. UPetro waseqala ukuthi kuye: Khangela, thina sitshiye konke, sakulandela. UJesu waphendula wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akakho oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli; Kodwa izakwemukeliswa kayikhulu khathesi ngalesisikhathi, izindlu, labafowabo, labodadewabo, labonina, labantwana, lamasimu, kanye lokuzingelwa; nasezweni elizayo ukuphila okuphakade.

NgokukaMarku 10:17-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.” Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.” UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.” Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?” UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.” UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.” UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.

NgokukaMarku 10:17-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)