NgokukaMarku 1:14-20
NgokukaMarku 1:14-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu, ethi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.” Kwathi uJesu edlula ngasolwandle iGalile, wabona uSimoni no-Andreya, umfowabo, bephonsa inetha olwandle, kwazise phela babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni. Ngizakunenza abadobi babantu.” Masinyane bashiya phansi amanetha abo, bamlandela. Esehambe ibangana elifishane, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besesikebheni, belungisa amanetha abo. Wababiza, masinyane base bemshiya esikebheni uyise uZebedewu nezisebenzi eziqashiweyo, bamlandela.
NgokukaMarku 1:14-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu; Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli. Esahamba ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni, ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha abo, bamlandela. Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
NgokukaMarku 1:14-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.” Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
NgokukaMarku 1:14-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)