NgokukaMarku 1:1-15

NgokukaMarku 1:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu; njengokulotshiweyo kubaprofethi ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho. Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. UJohane wabhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono. Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; wadla izinkumbi nezinyosi zasendle; Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Kwathi ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo. Masinyane uMoya wamqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza. Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu; Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli.

NgokukaMarku 1:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Isiqalo sevangeli elimayelana noJesu Khristu, iNdodana kaNkulunkulu. Kunjengalokhu kulotshiwe encwadini kamphrofethi u-Izaya, ukuthi: “Bheka, ngithuma isithunywa sami phambi kwakho, esiyakulungisa indlela yakho; izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ” Kwavela uJohane ebhabhadisa ehlane, eshumayela umbhabhadiso wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Kwaphuma, kweza kuye lonke iJudiya, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema, babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayegqoke ingubo yoboya bekameli, ebophe umchilo woqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe, edla izinkumbi noju lwasendle. Wayeshumayela ethi: “Emva kwami kuza onamandla kunami, engingafanele nokuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kepha Yena uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele.” Ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha eGalile, wabhabhadiswa nguJohane eJordani. Kwathi nje ukuba aphume emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Masinyane uMoya wamkhiphela ehlane elilugwadule. Wahlala khona izinsuku ezingama-40 elingwa nguSathane, wayephakathi kwezilwane zasendle, kodwa izingelosi zazimkhonza. Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu, ethi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

NgokukaMarku 1:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi: “Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho,” – “izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ” kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle. Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.” Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza. Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

NgokukaMarku 1:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)