NgokukaMathewu 9:20-22
NgokukaMathewu 9:20-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.
NgokukaMathewu 9:20-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bheka, kwafika emva kwakhe owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, wathinta umphetho wengubo yakhe; Ngoba wayesithi phakathi kwakhe: Uba ngingathinta nje isembatho sakhe, ngizasinda. Kepha uJesu waphenduka wambona wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Owesifazane wasinda kusukela kulelo hora.
NgokukaMathewu 9:20-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayezindla, ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu waphenduka, wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Owesifazane wasinda ngaleso sikhathi.
NgokukaMathewu 9:20-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)