NgokukaMathewu 5:21-48

NgokukaMathewu 5:21-48 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungabulali; nobulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa. Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo. Ngakho uma uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe; Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze uphume lapho, uze ukhokhe ifadingi lokugcina. Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungaphingi; Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; Kwathiwa: Loba ngubani owala umkakhe, kamnike incwadi yesehlukaniso; Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, umenza ukuba aphinge; “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi, kepha ugcwalise izifungo zakho eNkosini; Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye; noma ngezulu; ngoba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu; Noma ngomhlaba; ngoba uyisenabelo senyawo zakhe: loba ngeJerusalema; ngoba kungumuzi weNkosi enkulu. Futhi ungafungi ngekhanda lakho, ngokuba ungeke wenze unwele lube mhlophe noma lube mnyama. Kodwa inkulumo yenu mayibe ngokuthi, Yebo, yebo; Cha, cha, ngokuba noma yini engaphezu kwalokhu ivela komubi. Nizwile kwathiwa: Iso ngelihlo, nezinyo ngezinyo; Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi; Uma umuntu ethanda ukukumangalela, akuphuce ingubo yakho, myeke athathe nesambatho sakho; Noma ngubani okuphoqa ukuba uhambe imayela elilodwa hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe. Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele; ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na? Ngakho-ke yibani ngabaphelele, njengoba noYihlo osezulwini ephelele.

NgokukaMathewu 5:21-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Nizwile, kwathiwa kwabasemandulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala ehlulelwe.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-althare, bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu ukubambele igqubu, wushiye lapho phambi kwe-althare umnikelo wakho, uhambe ubuyisane nomfowenu kuqala, andukuba uzonikela umnikelo wakho. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele. Ngiqinisile ngithi kuwe: kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina. “Nizwile, kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Noma lapho isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe makamnike incwadi yesehlukaniso.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga. “Nizwile futhi, kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ Kepha Mina ngithi kini: ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe noma lube mnyama. Kepha izwi lenu malibe ngukuthi: yebo, yebo, noma qhabo, qhabo. Okudlula lapha kuvela komubi. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha Mina ngithi kini: ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwemuke ingubo, mnike nejazi. Nosuke ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocela utho kuwe, ungamlanduleli ofuna ukutsheleka kuwe. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi yini kanjalo nabathelisi na? Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na? Yibani ngabapheleleyo, njengalokhu noYihlo wasezulwini uphelele.”

NgokukaMathewu 5:21-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi* lokugcina. “Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga. “Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama. Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

NgokukaMathewu 5:21-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)