NgokukaMathewu 5:1-48

NgokukaMathewu 5:1-48 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni; Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi: Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele. Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala. Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. Ningacabangi ukuthi ngize ukuchitha umthetho noma abaprofethi; angizanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu. Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungabulali; nobulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa. Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo. Ngakho uma uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe; Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze uphume lapho, uze ukhokhe ifadingi lokugcina. Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungaphingi; Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; Kwathiwa: Loba ngubani owala umkakhe, kamnike incwadi yesehlukaniso; Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, umenza ukuba aphinge; “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi, kepha ugcwalise izifungo zakho eNkosini; Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye; noma ngezulu; ngoba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu; Noma ngomhlaba; ngoba uyisenabelo senyawo zakhe: loba ngeJerusalema; ngoba kungumuzi weNkosi enkulu. Futhi ungafungi ngekhanda lakho, ngokuba ungeke wenze unwele lube mhlophe noma lube mnyama. Kodwa inkulumo yenu mayibe ngokuthi, Yebo, yebo; Cha, cha, ngokuba noma yini engaphezu kwalokhu ivela komubi. Nizwile kwathiwa: Iso ngelihlo, nezinyo ngezinyo; Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi; Uma umuntu ethanda ukukumangalela, akuphuce ingubo yakho, myeke athathe nesambatho sakho; Noma ngubani okuphoqa ukuba uhambe imayela elilodwa hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe. Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele; ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na? Ngakho-ke yibani ngabaphelele, njengoba noYihlo osezulwini ephelele.

NgokukaMathewu 5:1-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uJesu ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. Wayesevula umlomo, waqala ukubafundisa, ethi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakumbona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.” “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke. Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sibakhanyisele bonke abasendlini. Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini. “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaphrofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. “Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu. “Nizwile, kwathiwa kwabasemandulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala ehlulelwe.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-althare, bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu ukubambele igqubu, wushiye lapho phambi kwe-althare umnikelo wakho, uhambe ubuyisane nomfowenu kuqala, andukuba uzonikela umnikelo wakho. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele. Ngiqinisile ngithi kuwe: kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina. “Nizwile, kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Noma lapho isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe makamnike incwadi yesehlukaniso.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga. “Nizwile futhi, kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ Kepha Mina ngithi kini: ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe noma lube mnyama. Kepha izwi lenu malibe ngukuthi: yebo, yebo, noma qhabo, qhabo. Okudlula lapha kuvela komubi. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha Mina ngithi kini: ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwemuke ingubo, mnike nejazi. Nosuke ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocela utho kuwe, ungamlanduleli ofuna ukutsheleka kuwe. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi yini kanjalo nabathelisi na? Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na? Yibani ngabapheleleyo, njengalokhu noYihlo wasezulwini uphelele.”

NgokukaMathewu 5:1-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo. “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu. “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi* lokugcina. “Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga. “Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama. Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

NgokukaMathewu 5:1-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)