NgokukaMathewu 4:12-22
NgokukaMathewu 4:12-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uJesu esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wahamba waya eGalile. Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi: “Izwe lakwaZebuloni nelakwaNafethali elisemgwaqweni oya olwandle phesheya kweJordani, iGalile labezizwe; isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.” Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” Kwathi ehamba ngasolwandle iGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni okuthiwa nguPhethro no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. Wathi kubo: “Wozani, ngilandeleni; ngiyakunenza abadobi babantu.” Bashiya amanetha abo ngokushesha, bamlandela. Esedlulele phambili, wahlangana nezelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besesikebheni noyise uZebedewu, belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane isikebhe noyise, bamlandela.
NgokukaMathewu 4:12-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe, isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.” Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
NgokukaMathewu 4:12-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi uJesu esezwile ukuthi uJohane ubotshiwe, wasuka waya eGalili; Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elisogwini lolwandle, emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi: Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngasendleleni yolwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe; Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele. UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngizanenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
NgokukaMathewu 4:12-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)