NgokukaMathewu 26:59-75

NgokukaMathewu 26:59-75 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:59-75 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale. Kepha ababutholanga, nakuba kwase kufike ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umphristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli ngalutho kulokhu abakufakaza ngawe na?” Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza. Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, abanye bammukula, bathi: “Siphrofethele, Khristu; ngubani okushayileyo na?” UPhethro wayehleli phandle egcekeni, enye yamantombazane yeza kuye, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Esephumile esangweni, enye intombazane yambona, yathi kwababelapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” Wafunga wagomela ephika futhi, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.” UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude. UPhethro wayesekhumbula izwi abelishilo uJesu, lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakube usungiphike kathathu.” Waphumela ngaphandle, wakhala kalusizi.

NgokukaMathewu 26:59-75 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nithini na?” Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?” Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.” Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.” Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude. UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:59-75 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. Besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.