NgokukaMathewu 26:57-67
NgokukaMathewu 26:57-67 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.
NgokukaMathewu 26:57-67 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Labo ababembambile uJesu bamyisa kuKhayifase, umphristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona izazimthetho namalunga. Kepha uPhethro wamlandela uJesu ebuqamama, kwaze kwaba segcekeni lomphristi omkhulu. Naye wangena ngaphakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuze abone isiphetho. Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale. Kepha ababutholanga, nakuba kwase kufike ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umphristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli ngalutho kulokhu abakufakaza ngawe na?” Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza. Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, abanye bammukula
NgokukaMathewu 26:57-67 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nithini na?” Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula
NgokukaMathewu 26:57-67 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.