NgokukaMathewu 26:26-35
NgokukaMathewu 26:26-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami. Wasethatha inkezo, wabonga, wabanika, esithi: Selani kuyo lonke; Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. UPetro waphendula wathi kuye: Lanxa bonke bezakukhubeka ngawe, mina kangisoze ngikhubeke. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu. UPetro wathi kuye: Lanxa ngingafa lawe, kangisoze ngikuphike. Basho kanjalo bonke abafundi.
NgokukaMathewu 26:26-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.” Wayesethatha indebe, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani kuyo, nina nonke; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani, sisisha, embusweni kaBaba.” Sebehlabelele iculo lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’ kodwa emva kokuba sengivusiwe ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPhethro waphendula, wathi kuye: “Noma bonke bangakuhlamuka, mina angisoze ngakushiya.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: ngalobu busuku, ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzakungiphika kathathu.” UPhethro wathi kuye: “Noma ngabe kufanele ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Bonke abafundi basho kanjalo.
NgokukaMathewu 26:26-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.” Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’; kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.” UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke.
NgokukaMathewu 26:26-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)