NgokukaMathewu 26:17-75

NgokukaMathewu 26:17-75 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?” Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ” Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili. Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.” Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba yilowo, nalowo, ukuthi: “Kungaba yimi, Nkosi, na?” Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.” Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.” Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.” Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’; kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.” UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.” Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi. Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.” Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.” Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga. UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?” Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na? Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?” Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba. Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka. Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino. Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.” Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nithini na?” Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?” Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.” Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.” Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude. UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:17-75 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngosuku lokuqala lomkhosi wesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungisele ngaphi ukuba udle iphasika na? Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye labafundi bami. Abafundi benza njengokusho kukaJesu; basebelungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile, wahlala ekudleni nabayishumi nambili. Kwathi besidla wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uzangikhaphela. Basebedabuka kakhulu, basebeqala ukuthi kuye ngulowo lalowo: Nkosi, kayisimi yini? Wasephendula wathi: Ofaka isandla sakhe kanye lami esitsheni nguye ozangithengisa. INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga. Wasephendula uJudasi owamnikelayo, wathi: Nkosi, kambe? Wathi kuye: “Wena ushilo.” Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami. Wasethatha inkezo, wabonga, wabanika, esithi: Selani kuyo lonke; Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. UPetro waphendula wathi kuye: Lanxa bonke bezakukhubeka ngawe, mina kangisoze ngikhubeke. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu. UPetro wathi kuye: Lanxa ngingafa lawe, kangisoze ngikuphike. Basho kanjalo bonke abafundi. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya. Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami. Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena. Wasesiza kubafundi, wabafica belele, wathi kuPetro: Kanti beningelinde lami ihola elilodwa yini? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima. Wabashiya, wabuye wahamba, wakhuleka ngokwesithathu, esho wona lawo mazwi. Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, useseduze ongikhaphelayo. Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu. Kepha omkhaphelayo wayebanike isibonakaliso, ethi: “Lowo engiyakumanga, nguye; Wahle waya kuJesu, wathi: Sawubona, Rabi! wamanga. UJesu wathi kuye: “Mngane, uze ngani na? Base besondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wagalela inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na? Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo? Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga. Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka. Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. Besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:17-75 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi ngosuku lokuqala lomkhosi wesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungisele ngaphi ukuba udle iphasika na? Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye labafundi bami. Abafundi benza njengokusho kukaJesu; basebelungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile, wahlala ekudleni nabayishumi nambili. Kwathi besidla wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uzangikhaphela. Basebedabuka kakhulu, basebeqala ukuthi kuye ngulowo lalowo: Nkosi, kayisimi yini? Wasephendula wathi: Ofaka isandla sakhe kanye lami esitsheni nguye ozangithengisa. INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga. Wasephendula uJudasi owamnikelayo, wathi: Nkosi, kambe? Wathi kuye: “Wena ushilo.” Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami. Wasethatha inkezo, wabonga, wabanika, esithi: Selani kuyo lonke; Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. UPetro waphendula wathi kuye: Lanxa bonke bezakukhubeka ngawe, mina kangisoze ngikhubeke. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu. UPetro wathi kuye: Lanxa ngingafa lawe, kangisoze ngikuphike. Basho kanjalo bonke abafundi. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya. Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami. Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena. Wasesiza kubafundi, wabafica belele, wathi kuPetro: Kanti beningelinde lami ihola elilodwa yini? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima. Wabashiya, wabuye wahamba, wakhuleka ngokwesithathu, esho wona lawo mazwi. Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, useseduze ongikhaphelayo. Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu. Kepha omkhaphelayo wayebanike isibonakaliso, ethi: “Lowo engiyakumanga, nguye; Wahle waya kuJesu, wathi: Sawubona, Rabi! wamanga. UJesu wathi kuye: “Mngane, uze ngani na? Base besondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wagalela inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na? Kodwa ingagcwaliseka njani imibhalo yokuthi kumele kube njalo? Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga. Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka. Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho. Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale; Kepha ababufumananga, yebo, nakuba kwafika ofakazi bamanga abaningi, ababufumananga. Ekugcineni kwafika ofakazi bamanga ababili. bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu. Kwasekusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Kawuphenduli lutho yini? kuyini laba abakufakaza ngawe na? Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu. UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu. Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa. Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla. besithi: Siprofethe, wena Kristu, ngubani okutshayileyo? Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha. Waphinda waphika ngesifungo, wathi: Kangimazi lowomuntu. Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 26:17-75 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo, abafundi baya kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungisele kuphi ukuba udle iPhasika na?” Wathi: “Hambani niye emzini, kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami sesiseduze; ngizakwenza iPhasika kwakho nabafundi bami.’ ” Abafundi benza njengalokhu uJesu ebayalile; balungisa iPhasika. Sekuhlwile, ehlezi esidlweni nabafundi bakhe abali-12, besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: omunye wenu uzakungikhaphela.” Baba lusizi kakhulu, baqala, kwaba yilowo nalowo wathi: “Ngabe yimi yini, Nkosi na?” Kepha waphendula, wathi: “Lowo ofake isandla kanye nami esitsheni, nguye ozakungikhaphela. Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.” Wayesebuza uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.” Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.” Wayesethatha indebe, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani kuyo, nina nonke; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani, sisisha, embusweni kaBaba.” Sebehlabelele iculo lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’ kodwa emva kokuba sengivusiwe ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPhethro waphendula, wathi kuye: “Noma bonke bangakuhlamuka, mina angisoze ngakushiya.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: ngalobu busuku, ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzakungiphika kathathu.” UPhethro wathi kuye: “Noma ngabe kufanele ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Bonke abafundi basho kanjalo. UJesu wafika nabo endaweni okuthiwa yiGetsemane, wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisayokhuleka laphaya.” Wathatha uPhethro namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu, kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.” Wabuyela kubafundi, wabafica belele, wathi kuPhethro: “Kodwa beningehlale nilinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.” Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.” Wabuyela kubo futhi, wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayegcwele ubuthongo. Wabuye wabashiya, wayokhuleka ngokwesithathu elokhu esho lona lelo lizwi. Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; niyabona-ke, ongikhaphelayo useseduze.” Kwathi esakhuluma; kwafika uJuda, omunye wabali-12, ehamba nesixuku sabantu esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubaphristi abakhulu namalunga esizwe. Omkhaphelayo wayebanike isibonakaliso, wathi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni.” Wayeseya kuJesu ngokushesha, wathi: “Rabi!” Wamanga. UJesu wayesethi kuye: “Mngani, yenza lokho oze ngakho.” Base besondela, bambamba uJesu. Omunye walabo ababenoJesu wagqashula inkemba yakhe, wagenca inceku yomphristi omkhulu, wanquma indlebe yayo. UJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho emgodleni wayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na? Pho-ke ingafezeka kanjani imibhalo ethi kufanele ukuba kwenzeke kanjalo na?” Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe. Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka. Labo ababembambile uJesu bamyisa kuKhayifase, umphristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona izazimthetho namalunga. Kepha uPhethro wamlandela uJesu ebuqamama, kwaze kwaba segcekeni lomphristi omkhulu. Naye wangena ngaphakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuze abone isiphetho. Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale. Kepha ababutholanga, nakuba kwase kufike ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” Kwase kusukuma umphristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli ngalutho kulokhu abakufakaza ngawe na?” Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.” Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza. Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.” Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, abanye bammukula, bathi: “Siphrofethele, Khristu; ngubani okushayileyo na?” UPhethro wayehleli phandle egcekeni, enye yamantombazane yeza kuye, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Esephumile esangweni, enye intombazane yambona, yathi kwababelapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” Wafunga wagomela ephika futhi, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.” UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude. UPhethro wayesekhumbula izwi abelishilo uJesu, lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakube usungiphike kathathu.” Waphumela ngaphandle, wakhala kalusizi.