NgokukaMathewu 17:14-20
NgokukaMathewu 17:14-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi sebefikile exukwini, kweza kuye indoda ethile, yaguqa phambi kwakhe, yathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inosathane, ikhathazekile; ngokuba iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha behlulekile ukuyiphulukisa. UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi. UJesu wamkhuza idemoni; waphuma kuye; umntwana waphulukiswa kusukela ngaleso sikhathi. Khona abafundi beza kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na? UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.
NgokukaMathewu 17:14-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, iyahlukumezeka kakhulu; kukaningi iwela emlilweni nasemanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kodwa bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeselikhuza idimoni, laphuma kuyo; umfana wasinda ngaleso sikhathi. Abafundi base beya kuJesu bebodwa, bathi: “Kungani thina singakwazanga ukulikhipha idimoni na?” Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: uma ninokukholwa okungangembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka, ngokuba akukho okuyakunahlula.
NgokukaMathewu 17:14-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi. Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
NgokukaMathewu 17:14-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)