NgokukaMathewu 12:39-41
NgokukaMathewu 12:39-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
NgokukaMathewu 12:39-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona.
NgokukaMathewu 12:39-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.
NgokukaMathewu 12:39-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)