NgokukaMathewu 12:22-50
NgokukaMathewu 12:22-50 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu. Bamangala bonke abantu, bathi: “Lo akasiyo indodana kaDavide na? Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni. UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma. Uma uSathane ekhipha uSathane, uhlukene yedwa; pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, abantwana benu bawakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. Noma umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, na? khona-ke uyakuphanga indlu yakhe. Ongenami umelene nami; ongabuthi kanye nami uyahlakaza. Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa. Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi, ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo ukhipha okuhle, nomuntu omubi emfuyweni embi ukhipha okubi. Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthiwa ulungile, nangamazwi akho uyakulahlwa. Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe. Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona. Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula, kodwa angakufumani. Khona uthi: ‘Ngiyakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; kuthi lapho efika ayithole ingenalutho, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Khona uyahamba uthabathe kanye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe. Kodwa waphendula wathi komtshelayo: Ngubani umame? futhi bangobani abafowethu? Wayeselulela isandla sakhe kubafundi bakhe, wathi: “Bhekani, uma nabafowethu! Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.
NgokukaMathewu 12:22-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu. Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?” AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.” UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma. Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke yiwona ayakuba ngabehluleli benu. Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini. “Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na? “Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza. Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa. Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo. “Kuphakathi kokuba nithi umuthi muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nithi mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni. Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa. Ngokuba uyakwehlulelwa ngamazwi akho, icala likuthethe, futhi uyakulahlwa ngamazwi akho.” Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona. Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. “Uma umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyazula, udabule ezindaweni ezigagadekileyo, ufuna ukuphumula; kodwa ungakufumani. Bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Usufikile, uyifumana ingenalutho, ishaneliwe futhi ihlotshisiwe. Uyahamba-ke, ulande eminye imimoya eyisikhombisa emibi ukwedlula wona; ingene ihlale kuyo. Isiphetho salowo muntu sibe sibi kunakuqala. Kuyakuba kanjalo-ke nakulesi sizukulwane esibi.” Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.” Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?” Welula isandla sakhe wakhomba abafundi bakhe, wathi: “Niyabona, nangu umame, nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”
NgokukaMathewu 12:22-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?” Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.” Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. “Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na? “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa. Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo. “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.” Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. “Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani. Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.” Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.” Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?” Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”
NgokukaMathewu 12:22-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)