NgokukaMathewu 11:1-6
NgokukaMathewu 11:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo. Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe. basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli. Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.
NgokukaMathewu 11:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abali-12, wahamba lapho wayofundisa, futhi eshumayela emizini yakubo. Kuthe lapho uJohane esejele, ezwa ngemisebenzi kaKhristu wayesethumela ngabafundi bakhe, wathi kuye: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?” UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane ngalokho enikuzwileyo nenikubonileyo: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli. Ubusisiwe ongayukukhubeka ngenxa yami.”
NgokukaMathewu 11:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo. Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
NgokukaMathewu 11:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo. Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe. Basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo; Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli. Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.