NgokukaMathewu 1:18-22
NgokukaMathewu 1:18-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese. Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini. uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi
NgokukaMathewu 1:18-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele. Kepha uJosefa, indoda yakhe, ngenxa yokuba engumuntu olungileyo, akathandanga ukumthela ngehlazo, wayefuna ukuhlukana naye ngasese. Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele. Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Konke lokho kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomphrofethi, yathi
NgokukaMathewu 1:18-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese. Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi
NgokukaMathewu 1:18-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese. Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi