UMalaki 3:10-12
UMalaki 3:10-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla. “Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.
UMalaki 3:10-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo. Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti. “Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.
UMalaki 3:10-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube khona ukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, ngininike isibusiso, ningathululi. Ngaphandle, ukuthi ngeke kube khona indawo eyanele yokuyithola. Ngiyakumkhuza odlayo ngenxa yenu, angachithi izithelo zezwe lakini; futhi umvini wakho ngeke uthele izithelo zawo ensimini ngaphambi kwesikhathi saso, kusho uJehova Sebawoti. Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba yizwe elithandekayo,” usho uJehova Sebawoti.